The LORD knows the way of the righteous

Ngokuba uSimakade uyayazi indlela yabalungileyo,

IHubo1:6

Lapho uphila ngendlela ephambene nazozonke izinto lelizwe elizigqugquzelayo, izeluleko zalo, namaphupho alo, iNkosi iyazi.

Lapho uqhubekela ebungcweleni ngisho nalapho isono sikhangiswa phambi kwakho, iNkosi iyazi.

Lapho uthwele ihlazo lalabi abadelela iNkosi esidlangalaleni, behlekisa ngokukholwa kwakho, nobungcwele bakho, iNkosi iyazi

Lapho ufunda iBhayibheli, uthokoza ngoMthetho weNkosi, iNkosi iyazi.

Lapho ufunda izwi ukuligcina ulazi ngekhanda wenzela ukudlinza ngalo, lapho ufunda izincazelo ezibekwe ngokwezwi wenzela ukuguqulwa engqondweni yakho, iNkosi iyazi.

Lapho uhluma ukhula njengesihlahla maphakathi nogwadule lukamoya lwalelizwe, iNkosi iyazi.

Lapho uthela isithelo sikaMoya, iNkosi iyazi.

Lapho umi uthembekile ngezikhathi ezinzima nezinesomiso ngokukamoya, iNkosi iyazi.

Lapho uphumelela ngenxa yokuthi wenza ngendlela elungile, iNkosi iyazi.

Lapho ababi behlulelwa, angeke ugudluzwe kanye nabo, ngoba iNkosi iyazi.

Lapho abalungile behlangene ukuba bangene kwinkazimulo yaphakade, iNkosi iyazi.

Lapho kunguwe kuphela owenza ukulunga emhlabeni omubi, iNkosi iyazi.

Lapho izenzo zababi zibanga ukonakala kwabo, iNkosi iyazi.

Konke leziziqiniseko zisuselwa kwinkulumo nesithombe esikwiHubo 1. Akusiso mhlawumbe isibusiso esikhulu kakhulu kuleliHubo, ukuthi iNkosi iyayazi indlela yolungile? Akayizibile indlela esiphila ngayo nathi uqobo. Ngeke aze akhohle. Uyohlezi esazi kanjalo nokumfuna Kwethu.