What your trajectory says about the Holy Spirit in you
Mhlawumbe ivesi elikuveza kahle ukukhula emoyeni kwekholwa u2 kwabaseKhorinte 3:18:
Kepha thina sonke esibuka ngobuso obambuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso ngokuya enkazimulweni, njengalokhu kumi ngeNkosi enguMoya.
2 kwabaseKhorinte 3:18
Uyini umzila wempilo yakho wokukholwa njengamanje? Ngakube ukukhula kwalokhu okulandelayo: ukuphelelwa ithemba, Isono, inhliziyo ecasukayo, ukukhathazeka, ukudangala okukhulu, kanye nokwesaba? Noma ukukhula kwezinga lokuguqulwa sibe njengeNkosi enguMoya?
Umzila ogqamiswe isono kanye nemiphumela yesono, umzila okuyiwo wodwa walelizwe. Kodwa umzila ogqamiswe ukuguqulwa ubenjengoKhristu umzila womuntu onoMoya Ongcwele.
Akukho okuphakathi nendawo. Kuphakathi kokuthi uphokophelele lokho okufiswa nguwe, noma uphokophelela lokho uMoya Oyingcwele akufisayo- Lezizifiso zehluke ngendlela yokuthi azikwazi ngisho nokuhlalelana (KwabaseGalathiya 5:17). Ngaleyondlela umzila empilweni yakho kungaba ilowo wesithelo sikaMoya Ongcwele esimangalisayo, noma ilowo wemisebenzi ejwayelekile yenyama (kwabaseGalathiya 5:19-21 vs kwabaseGalathiya 5:22-23).