Ivesi elaziwayo kakhulu eBhayibhelini kungenzeka ukuba elitholakala kwincwadi ngokukaJohane 3:16. Yivesi elihle kakhulu ngokweVangeli elihlanganise amaqiniso asobala najulile okukholwa kweqiniso. Kodwa ke ulazi kahle kanganani?
Elinye lamakhono alula kakhulu ekufundeni iBhayibheli ukubhekisisa lowombhalo ukuthi empeleni uthini—ungakayi ekuthene uchaza ukuthini ( lokhu kuzoba istep esilandelayo), okwamanje ukuthi uthini.
Naka amagama akwincwadi ngokukaJohane 3:16
“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.”
ngokukaJohane 3:16
Nalu uhlu lwemibuzo yokubhekisisa amagama asevesini.
- Igama u “ngokuba” lilihlanganisa kanjani lelivesi nalokho okukhulunywe ngakho kumavesi angasemuva kwaleli?
- Obani ababalwayo ku “izwe” leli uNkulunkulu alithanda?
- Ngubani lo “wa-” ekukhulunywa ngaye ku-waze wanikela ngeNdodana “yakhe”?
- Iyiphi indlela anikela ngayo ngeNdodana yakhe?
- Yini ebalulekile ku “ezelwe yodwa” onikezela incazelo ku “iNdodana”?
- Ubani “iNdodana”?
- Kusho ukuthini ukuthi “okholwa yiyo”?
- Ngubani lo “yiyo” okumele “yilowo nalowo” akholwe kuye?
- Yikuphi ukunga “bhubhi” ekukhulunywa ngakho kulelivesi?
Minganki imibuzo ongayiphendula? Mhlawumbe sekuyisikhathi sokuthi uthi ukuqaphelisisa uma ufunda iBhayibheli!