You, Your Trials and Your Bible
Izinhlupheko azibukeki zilungile lapho sibhekana nazo. Noma kunjalo kodwa amakholwa ahambe ngaphambi kwethu ngeminyaka eyi-2000 bakhuthazwa amazwi afana nathi “ Uma nehlelwa yizilingo ezinhlonhlobo, zithatheni ngokuthi zingukuthokoza kuphela”
Kuleminyakana eseduzane owesifazane onguMkhrestu, ngemuva kokulahlekelwa umntwana wakhe, wacabangisisa kabanzi ngendlela ykubuka Izinhlupheko efundiswa yiBhayibheli. Amakholwa kunezindlela ezicacile zokubuka izingqinamba ezingekho ngaphansi kweziyisi-7.
1. Izinhlupheko ziqinisekisa ukholo loqobo.
1 kaPhethro 1:6-8 … nakuba manje nidatshukiswa yizilingo ezinhlobonhlobo, ukuze ubuqotho bokukholwa kwenu….bufunyanwe kube ngukubongwa, udumo,nokutuseka mhla kwembulwa uJesu Khristu….kuthi nakuba ningamboni manje, kodwa nikholwe nguye, nithokoza ngentokozo engenakuchazwa ngamazwi netusekayo.
2. Izinhlupheko ziyasithobisa.
UJobe 42:2-6 Ngiyazi ukuthi ungakwenza konke, icebo lakho alinakuvinjwa….ngezwa ngawe….kodwa manje iso lami selikubonile,ngakhoke…ngiyazisola …
3. Izinhlupheko ziqinisa ukholo maqondana nokuvuthwa.
EkaJakobe 1:3-4 nazilokhu ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukubekezela. …ukuze nibe ngabaphelele, nigasweli lutho.
4. Izinhlupheko ziyacolisisa ziletha isono emehlweni ukuba sibonakale ukuze kuzobhekwana naso.
UIzaya 48:10 Bheka ngikucwengisisile,…esithandweni sezinhlupheko.
5. Izinhlupheko zisikhumbuza ukuthi ikhaya lethu alikho lapha bese zikhulisa ngokuqinile ukulangazelela kwethu izulu.
KwabaRoma 8:18 Ngokuba ngithi izinhlupheko zesikhathi samanje azinakulinganiswa nenkazimulo ezayo, eyakwembulwa kithina.
6. Izinhlupheko ziletha ithuba lokuba sikhonzane (futhi samukele ukukhonzwa ngabanye).
2 KwabaseKhorinte 1:3-7 Makabongwe…uYise wobubele, noNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze sibe namandla okududuza labo abasosizini lonke,..noma sihlushwa, kungenxa yenduduzo nokusindiswa kwenu.
7. Izinhlupheko ziletha ithuba lokududuzwa yizethembiso zikaNkulunkulu.
Isililo 3:21-23 Kepha yilokhu engiyakukubuyisela enhlizweni yami,ngalakho nginethemba:…ngokuba ububele bakhe abupheli;
Ihubo 119:50 Lokhu kuyinduduzo ekuhluphekeni kwami, ngokuba izwi lakho lingiphilisile.
Njengokusho kweculo lika-Fernando Ortega lisikhumbuza kahle kakhulu:
When dark trials come and my heart is filled
With the weight of doubt, I will praise Him, still.
For the Lord, our God, He is strong to save
From the arms of death, from the deepest grave,
And He gave us life in His perfect will,
And by His good grace, I will praise Him, still.
Ihumusho lesiZulu laleliculo
Lapho kufika izinhlupheko ezinzima inhliziyo yami igcwaliswe,
Ngesisindo sokungabaza, Ngizoqhubeka ngimdumise
Ngoba uSimakade, uNkulunkulu wethu, Unamandla okusindisa
Ezingalweni zokufa, ekujuleni kwethuna,
Futhi usiphe impilo ngokwentando Yakhe epheleleyo,
Futhi ngomusa wakhe omuhle, Ngizoqhubeka ngimdumisa
