Ukuzizwa ubusisekile kuqhathaniswa nokubusiseka

Feeling blessed vs Being blessed

Sizizwa sibusisekile uma omunye umuntu, uNkulunkulu noma aantu, benza okuhle kithina. Sibuswa yinto ehlukile kakhulu. Ukwamukela izinto kungasenza sizizwe sibusisekile, kodwa njengalokhi uJesu ayefundise abaPhostoli, isibusiso sitholakala ngokunikela, hhayi ukwamukela ( Izenzo 20:35).

Kanjalo, iNtshumayelo yaseNtabeni eyethulwa yiNkosi yethu uJesu yaqla ngeziqiniseko zokubusisa, kodwa hhayi ngendlela esijwayele ukucabanga ngayo.

Ingcebo yaseMhlabeni ingakwenza uzizwe ubusisekile,
kodwa ukuhlupheka kukamoya okwenza umuntu abusiseke.

Ukwenza imigubho kungakwenza uzizwe ubusisekile
kodwa wukuzila ngokoqobo okwenza umuntu abusiseke.

Ukuba nokuzethemba okukhulu kungenza uzizwe ubusisekile,
kodwa ukuthobeka okumnene okwenza umuntu abuseseke.

Ifriji eligcwele, amakhabethe agcwele,nesisu esigcwele kungakwenza uzizwe ubusisekile,
kodwa wukulangazelela ukulunga okwenza umuntu azizwe ebusisekile.

Ukubelesela ngamalungelo akho kukwenza uzizwe ubusisekile,
kodwa wukukhombisa umhawu okwenza umuntu abusiseke.

Ukuzitika ngezinto okuyisono kungakwenza uzizwe ubusisekile,
kodwa yinhlanzeko yangaphakathi eyenza umuntu abusiseke.

Ukuqhubeka wenze izinto ngokwenkani yakho kungakwenza uzizwe ubusisekile,
kodwa ukuhlalisana ngokuthula okukwenza ubusiseke.

Ukuphatha ngenkani kungakwenza uzizwe ubusisekile,
kodwa ukubheka nokuhlushwa ngendlela elungile okwenza umuntu azizwe ebusisekile.

Lenkulumo isuselwa kwincwadi ngokukaMathewu 6:3-12

Ukuzizwa ubusisekile akukwenzi ubusiseke, kodwa ukwenza izinto ezikwenza ubusiseke, kuphinde kuwenze ubusiseke. Ngakube ufuna ukuba ubusiseke noma ukuba uzizwe ubusisekile?

Scroll to Top