Ukuvuselela ithemba ngesikhathi ubhekene nokudangala

Restoring Hope When in Despair

Akumnandi futhi kwesinye isikhathi kubuhlungu ukudlula esikhathini sobunzima; kodwa kuba nzima kakhulu kakhulu lapho umuntu kufanele abekezelele into enzima isikhathi eside. Ukuhlangabezana nobunzima okwesikhashana akuhlali kuvivinya ukujula okuphelele kokholo nesimilo sethu, ngoba kuvamise ukuphela masinyane bese injabulo ibuya ngokushesha. Kodwa ukubekezelela ezinye izivivinyo kudinga ukuba sithole injabulo nethemba sisaphakathi kukho ukuvivinywa uqobo—lokhu kuyisivivinyo esihlukile kakhulu phezu kokholo lwethu.

Incwadi kwabaseRoma 5:3 ikhuluma ngenjabulo phakathi ezinhluphekweni zethu. Kodwa iyaqhubeka futhi ifake ukubekezela. Lokhu kusho ukuthi le njabulo ayisiyo nje injabulo esiba nayo emva kwezinhlupheko zethu, futhi ayisiyo nje injabulo esiba nayo okuthi yize kukhona izinhlupheko kodwa sibenenjabulo ngenxa yesibusiso esikhulu esithile esenzeka ngesikhathi esifanayo nobuhlungu. Kunalokho, iyinjabulo esiba nayo phakathi kwezinhlupheko zethu.

siyajabula phakathi kwezinhlupheko zethu.”

KwabaseRoma 5:3

Kwenzeka kanjani ukuba uPawulu, ngandlela thize aze akhulume egameni labo bonke abakholwayo, athi siyajabula phakathi kwezinhlupheko zethu? Uyakuchaza konke lokho engxenyeni esele yaleli vesi.

“siyajabula phakathi kwezinhlupheko zethu, sazi ukuthi ukuhlupheka kuveza ukubekezela.”

KwabaseRoma 5:3

Lapho sihlupheka okwesikhashana, sifunda isifundo esisodwa noma ezimbili. Kodwa lapho sibhekene nokuhlupheka isikhathi eside, sifunda ukubekezela. Njengoba amandla emisipha yomdlali akhiwa isikhathi eside sokuzivocavoca okuqhubekayo, kanjalo nokubekezela kwethu kuyaqiniswa ngezivivinyo ezinde zokuphila kwethu kwansuku zonke. Ukubekezela kuyikhono lomoya elivuthwa kancane kancane, lokuvuka njalo ekuseni siqinisekise ukuthi okungenani sinokuthula noNkulunkulu ngenxa kaJesu (Roma 5:1), ngakho-ke, ngokholo lwethu kuYena, sinokungena emseni Wakhe osinika amandla okujabula enkazimulweni kaNkulunkulu ngisho naphakathi kwezivivinyo ezinzima kakhulu (Roma 5:2).

Kodwa ukubekezela ngokungokwakho akusikona isiphetho somgomo wethu kangangokuba , uma singakhuluma iqiniso, besingakuncamela ukuthi singakufundi. Ukubekezela kuveza isimilo.

“futhi ukubekezela kuveza isimilo.”

KwabaseRoma 5:4

Ngisho nezwe liyakuqaphela lokhu! Ukubekezela okuvela ekuhluphekeni kuhlanza isimilo sethu ngokusibumba sakhiwa nalapho sibona ubuthaka bethu nezono zethu. Ukubekezela okukanje kunezezela esimilweni sethu umkhuba wokukhuleka ngobuqotho obukhulu, ukufunda imiBhalo ngokulangazelela okukhulu, nokuthanda ubudlelwano babangcwele ngokujula okukhulu. Ukubekezela kuguqula isimilo sethu ukuze sifane noKhristu, sihlale sincike kuBaba ngomusa, futhi sihlale sikhetha ukwenza okulungile okulandelayo (isibonelo, uJesu ekhuleka eGetsemane, kodwa waqhubeka welapha indlebe yenceku yesitha Sakhe). Ukubekezela kuveza kithi isimilo esikanjalo.

Kodwa ngisho naleso similo asiyona inhloso yokugcina kumaRoma 5.

ukuqiniseka kuveza ithemba. Ithemba alijabhisi,

KwabaseRoma 5:4-5

Ubunzima nokuhlupheka, ikakhulukazi uma kuthatha isikhathi eside, kuvame ukuholela ekuphelelweni ithemba nasekudumaleni. Kodwa lapha sithola okusinika umqondo ophambene nalokho. Lapha sitshelwa ukuthi ukuhlupheka kuyisiqalo nje seziningi izindlela zokuphendula eziphelelela ekuthembeni ngesibindi. Kungenzeka kanjani lokhu kube yiqiniso? Phela kuphambene ngokuphelele nalokho esivame ukukuzwa empilweni yethu?!

Impendulo ilele kulokho ukholo lwethu olubheke kukho nesilugxilise. Yilabo kuphela abalungisiswe ngokholo (Roma 5:1) abangaba nethemba elivela ekuhluphekeni, Yilabo kuphela okuthi ngokholo basebenzise umusa kaNkulunkulu ukuze bame baqine enjabulweni yokubona inkazimulo kaNkulunkulu, abangalindela ukuba nethemba elikhulayo phakathi kwesivivinyo eside (Roma 5:2).

Uma, ngesikhathi uhlupheka futhi udangele, ufisa ukuba ngomunye ongabhala amazwi athi “siyajabula phakathi ezinhluphekweni zethu,” khona-ke buyela kulokho ukholo lwakho okumele lubheke kukho futhi lugxile kukho. INkosi yethu uJesu Khristu yasifela sisasesimweni somoya esibheda kakhulu kunokudangala esibanako ngenxa yezinhlupheko lapho sesikholwa (Roma 5:6-8). Ngakho-ke ngokuqinisekile ngeke asishiye sihlupheka kuze kube phakade, kodwa uyakusivuselela futhi (Roma 5:9-11).

Makube yilokho okujova ithemba nenjabulo ethile kuwe namuhla, kwakhe kuwe ukubekezela okungathi ngolunye usuku kuqinisekise ukuthi siyajabula phakathi ezinhluphekweni zethu, sazi ukuthi ukuhlupheka kuveza ukubekezela, ukubekezela kuveze isimilo, kuthi isimilo siveze ithemba elingasoze ladumaza!

Scroll to Top