You and the rights of God and others
Amazwe amaningi esikhathi samanje abanomqulu owazisa uphinde uvikele “amalungelo” ezakhamizi. Isikhathi esiningi imiqulu enjalo eyenziwe ngabantu igcizelela amalungelo wena onawo okumele abanye bawahloniphe.
Kwisikhathi lapho uNkulunkulu eqala izwe, Naye futhi wahlela uhlu lwamalungelo abantu. Kodwa, Eyakhe uhluke ngokucacile kwimizamo yalokho okwenziwe abantu ukwenza into efanayo. Ngesikhathi uNkulunkulu enikezela “Amazwi Alishumi” ayezo phalula amalungelo abantu Akazange ayibeke ngokwamalungelo akho okufanele abanye bawahloniphe. Kunalokho, uNkulunkulu wamisa amalungelo abantu ngokwamalungelo abanye wena okumele uwahloniphe.
Ihumusho likaNkulunkulu lamalungeli abantu linomunye umehluko osemqoka– lifaka phakathi hhayi kuphela amalungelo okumele wena uwafezekise kwabanye abantu, kodwa futhi amalungelo uNkulunkulu anawo phezu kwakho.
Ukubeka ngamanye ihumusho elilungule ngokuphelele laMthetho waMalungelo Abantu, ungabekeka kanje.
UNkulunkulu unelungelo lokulindela lokhu kuwena (kanjengoba ekulindele kuwona wonke umuntu),
- ukukhonza Yena yedwa (Eksodusi 20:3),
- ukuncika kwisambulo sokuzambula kwakhe (Eksodusi 20:4-6),
- ukumumela Yena ngendlela eshaya khona (Eksodusi 20:7), kanye
- nokunikelela isikhathi sakho, nesikhathi somndeni wakho kanye nomsebenzi, Kuye (Eksodusi 20:8-11).
Ngokwezinga lamalungelo abantu, wonke omunye umuntu unelungelo lokulindela lokhu kuwe,
- ukuhlonipha indima yobuzali (Eksodusi 20:12),
- ukugcina impilo yabo (Eksodusi 20:13),
- ukugcina imishado yabo ihlanzekile (Eksodusi 20:14),
- ukubuyisela izimpahla zabo (Eksodusi 20:15),
- ukubeka isithunzi sabo ngokweqiniso (Eksodusi 20:16), kanye
- nokuyekela izinto okungezabo kubengezabo bodwa (Eksodusi 20:17).
“Amalungelo Abantu”awathuthukise impakamo nobugovu. Kunalokhu, kumele simbone uNkulunkulu nabanye ukuthi banamalungelo phezu kwethu—amalungelo esinomgomo wokuwafezekise.
Ngokwamagama afingqiwe eTestamente Elisha “ alomqulu walamalungelo”, simelwe ukuqonda ukuthi uNkulunkulu unelungelo lothando lwethu, kanjalo nabanye abantu. (Makhu 12:30-31)
