You and God’s Holy Spirit
NjengoMkhrestu, unomgomo wokuphila ngokwendlela kaMoya (Roma 8:12). Lokhu kungenxa yokuba unikezelwe impilo kamoya nguye uMoya Ongcwele (Roma 8:11). KungoJesu noMOya Ongcwele ukuba wena ulungisisiwe wangcweliswa ( 1 Khorinte 6:11; 2 Thesalonika 2;13). Kungakho uyaleliwe ukuba uthathe ‘inkemba kaMoya’, Izwi, ekuzalweni nesono nomoya wobumnyama (Efesu 6:17). NguMoya Ongcwele, ngaloIzwi, owenza kubekhona ukholo oluphikelelayo empilweni yakho.
Incwadi kwabaseRoma 8:13 iyakucacisa ukuba wonke amakholwa eqiniso aholwa nguMoya. Ngakhoke uMoya uyawelusa Amakhrestu empilweni yawo. Ngokwalesahluko, lokhu kuluseka akusikona indlela yokuthathela izinto phezulu yokwenza izinqumo esikhathini esizayo, kodwa kunalokho kuphathelene nokubulala izinkanuko zenyama kwansuku zonke. Incwadi kwabaseGalathiya 5:24-25 nayo ikubeka kucacw ukuthi ukuhola kukaMoya Ongcwele kuphathelene nokukhumula izinkanuko zenyama. Ukwelusa kukaMoya kuhambelana ngqo nalokho okulotshiwe eMibhalweni (Efesu 6:17) ngakhoke angeke akwazi ukuphambana nesifundiso noma umgomo oseZwini. Umthombo onqala wokeluseka ngokukaMoya empilweni yekholwa yiZwi likaNkulunkulu Yena Qobolwakhe alinikezele ngomlomo Wakhe enzela ukusizakala kwethu.