Kwincwadi ngokukaJohane 8:2-11 uJesu usho lamazwi “Ongenasono phakathi kwenu makabe ngowokuqala ukumkhanda ngetshe.” Ngokujwayelekile Amakrestu, noma-ke labo abazibiza ngaMakrestu bayathanda ukusho lamazwi ashiwo uJesu ukuze baphikise noma ngubani okhomba isono empilweni yabo. Yize lokhu ngokuqinisekile kuyiwo umqondo walesahluko, kodwa akusiyo indaba ephelele. Ukuphikisana nokunikezelwa isiyalo akumele kube yinto ebalwayo kwinkambo yomlandeli kaJesu.
Kulendaba ekulesisahluko kuhlangana abantu abazibona njengabalungile kanye noyisoni ngokusobala. Laba abazibona belungile bakubona lokhu njengethuba lokuvivinya uJesu. Ngakube uJesu uzongalaleli umthetho wokukhanda ngamatshe owanikezelwa ngoMose (Levithikhusi 20;10 no IDutheronomi 22:22-24), noma uJesu uzowugcina umthetho kaMose azifake enkingeni nomthetho wamaRoma?
Kodwa akesiqale la, sicacise lokhu masinyana. Asazi ukuthi yini le uJesu ayibhala phansi emhlabathini. Konke okuhlawumbiselwayo kuyilokho nje, ukuhlawumbisela. Asibuyele ke kwiphuzu lethu: Yikuphi uJesu azokwenza?
kuDitheronomi 13:9 futhi naku Ditheronomi 17:6-7 kunikezelwe indlela ekumele ilandelwe uma kunikezelwa isijeziso ngokufa—ofakazi balowo owonile yibona abaqhubekela ekunikezeleni isigwebo. Mhlawumbe abaFarisi babelindele ukuthi uJesu uzothi “Wena ombonile enza lesisono, shaya ngawo wonke amatshe akho”, okuyinto ngokunga ngabazi ababezoyi jabulela, kunalokho uJesu wathi “Lowo ongenaso isono, akube nguye oshaya ngetshe lokuqala”
Unembeza wabo bonke wabaphoqa ukuthi bahambe bashiye kusele kuphela uJesu oyilowo ongakaze enze isono. Yikuphi okwenziwa “yilowo ongenasono” kulowo owayeyisoni ngokusobala? Akamukhandanga ngamatshe, kodwa wamushumayeza.
Ngakho ke kuyiqiniso kumqondo walendaba ukukholwa ukuthi akekho kithina okumele alehle omunye ngecala kuphelele lapho. Kodwa njengoba uJesu enza simelwe ukukhuthazana siyalane ukuze sizozithola sesikwisimo sokungabi nakulahlwa esivela kuNkulunkulu. Ukufinyelela kulokhu, umuntu umelwe ukuphenduka angabe esaphinde one, ukuze lokho kwenzeke, umuntu umelwe akhuzwe.
Ngakho ke, ukuhlonipha umqondo ophelele walendaba, impendulo elungile ekumele inikezelwe uma lelivesi lisentshenziswa ngendlela okungesiyo kumele ithi “Cha, angikulahli ngecala, futhi anginakukwazi ukukwenza lokho, ngoba nami ngiyisoni. Kodwa uKhristu angakulahla ngalo futhi Ushilo ukuthi luyeza usuku lapho Ezokwenza lokho. Kodwa uma usaphila, Akakulahli khona uzokwazi ukuphenduka ungabe usona. Eqinisweni, ukukukhombisa ukuthi angizami ukuzenza olungile kuwe ukuze ngiqhubeke ukukulahla ngecala, ngizokukusiza ngihambisane nawe ekukhuleni ensindisweni yakho.”
Engathi uNkulunkulu womusa wonke, engasikhombisa umusa Wakhe, ukuze nathi siwukhombise ngobufakazi omunye komunye.