How to get Somebody born again
“Dedela iZwi likaNkulunkulu kuze kube wukuthi uNkulunkulu weZwi wenza umuntu ukuba azalwe kabusha.” Lena yimpendulo mhlawumbe emfushane kunazo zonke, futhi ebalulekile kakhulu kumthwalo osezinhliziyweni zethu maqondana nensindiso yabemindeni yethu, abangani nomakhelwane abangasindisiwe.
Kwincwadi ngokukaJohane 3 kwinkulumo yakhe noNikhodima uJesu uchaza ukuthi umuntu usindiswa kanjani futhi uyaqinisekisa ukuthi umzuzu wensindiso unjengomoya, awubonakali nhlobo, kodwa uyazikhiqiza izithelo ezifakaza ukuthi impela umuntu usezelwe kabusha. Kwabase-Efesu 2 bachaza izoni ngaphambi kokuba zisindiswe njengalabo abasuke befile ngokomoya kuze kube uNkulunkulu uyabenza baphile ngokomoya. Ngamanye amazwi, asikwazi thina ukwenza umuntu azalwe kabusha, lowo umsebenzi kaNkulunkulu, futhi asikwazi ngisho nokukuphoqelela ngemikhuleko ethile, izivumo noma amasiko athile.
UNkulunkulu nguye owenza umsebenzi wokuzalwa kabusha. Yini pho esingayenza maqondana nemindeni yethu, nabangani nomakhelwane bethu? Singababeka ukuba babhekane ngeziqu zamehlo noNkulunkulu kanye nesimo sabo ngeZwi likaNkulunkulu. AmaHebheru 4:12-13 aqinisekisa ukuthi iZwi liyindlela kaNkulunkulu yokusenza kuse emqondweni yethu sibone ukuthi sisazophendula phambi kukaNkulunkulu. KungeMibhalo umuntu engakwazi ukuholelwa kwinsindiso ( 2 kuThimothewu 3:15).
Ngakho isikhathi lapho ushisekele kakhulu insindiso yowo mndeni wakho, umngani, umakhelwane ngisho nomuntu ongamazi, vula iBhayibheli, ufunde ingxenye ethile bese uyichaza, bese uyabatshela, ngalololwazi, ukuthi bahambe bayokhulumisana noNkulunkulu. Lokho kwenze ngokuphinda phindiwe kuze kube uNkulunkulu uletha impilo emiphefumulweni yabo, nesithelo salokho siyabonakala ekuphendukeni nasokholweni lwabo.
