What do you do with an Absolute Sovereign God
Ukulawula kukaNkulunkulu kuqinisekisiwe ngokusobala eZwini Lakhe kwase kwaboniswa emhlabeni Wakhe. Kudinga ukuphendula kwethu okukahle.
Okokuqala kunakho konke, kudinga ukukhonza kwethu. Ukuthi kukhona Ophilayo obusa phezu kwezinto zonke ngokuphelele yinto efanelwe ukwaziswa. Ukuthi lowo Ophilayo okanje nguNkulunkulu onothando nokukhathalelana, ufanelwe ukukhonzwa.
USimakade uyabusa, umhlaba mawuthokoze,
Amahubo 97:1
Ukuthi iNkosi iyalawula ngokuphelele kudinga ukuthemba kwethu okunentobeko. Kufanele sibone ukuthi asilawuli izinto zonke uma siziqhathanisa nokulawula izinto zonke Kwakhe ngokuphelele. Signakwazi ukubona ubuhle nobubi balokhu kuphila, kodwa eqinisweni nguNkulunkulu kuphela okhonyayo phezu kwakho konke. Asikwazi ngisho nokuqagela ukuthi isikhathi esilandelayo sizoba sihle noma sibi. Ngakho sithemba Lowo Obusa konke okuhle nakho konke okubi ngokwenjongo Yakhe.
Ngosuku lwempumelelo, jabula; ngosuku lwenhlupheko, qaphela; nguNkulunkulu ozenzile zombili lezi zinsuku. Ngakho-ke umuntu ngeke akwazi ukubona okuyoba khona uma esefile.
Umshumayeli 7:14
Ukunezelela kukho ukukhonza ngentokozo iNkosi ebusayo, nokunezelela kukho ukuthemba ngentobeko eNkosini eyazi futhi elawula lokho thina esingenakukwazi ukukulawula, sifanelwe futhi ukuthoba ngokuzimisela kuNkulunkulu olawula izinto zonke ngokuphelele. UNkulunkulu Nguye owanquma ukuthi yini elungile nengalungile. UNkulunkulu uyazi ngisho umphumela othandabuzwayo wezenzo zonke. Ngakho ngokuqinisekile uma esitshela ukuthi yini esimelwe ukuyenza, kumele siyeke ukucabanga ukuthi sazi kangcono bese senza ngeYakhe indlela!
Ungazishayi ohlakaniphileyo emehlweni akho; mesabe uSimakade, uqhele ebubini.
IZaga 3:7
Ukulawula zonke izinto ngokuphelele okuku lowo Ophilayo oyedwa bekuyakushayisa novalo olukhulu kithina uma lowo ubengenalo uthando oluphelele, ubulungiswa, kanye nokulunga. Ngoba iNkosi iyona elawula zonke izinto ngokuphelele, siyaYikhonza ngentokozo, siyaYethemba ngokuzehlisa, futhi siya thobeka Kuyo ngokucacile.
- Khonza: Amahubo 97:1a; Umshumayeli 7:14
- Themba: IZaga 3:5-7; kwabaseRoma 8:28
- Thobeka:UJobe 40:1-4