Just Do the Next Right Thing
Ngikhula, ezinye zezinkulumo eziwumusho owodwa omufishane owusizo kakhulu engawufunda kwakuwu-kwelulekwa ngokuthi “Yenza okuyikona okulungile okulandela lapho”. Angisakhumbuli ngisho nokuthi isimo engakufunda ngaphansi kwaso lokhu sasinjani, kodwa lomusho unesisindo impela.
Noma kungabe yinto enhle, noma into embi, eyenzekile, futhi usazama ukuthola ukuthi yini ozizwa ngaphakathi kuwena ngalesosikhathi engathi ungayenza (Jakobe 1:14-15) nokuthi yini enhle nelungile neyiqiniso (Efesu 5:9), “Yenza okuyikona okulungile okulandela lapho”. Uma kwenzeke into enhle, dumisa uNkulunkulu (Umshumayeli 7:14a); uma kwenzeka inhlekelele, qina kuzinzo (Jakobe 1:2-4). Uma umngani ejabule, jabula kunye naye; uma udabukile, lila (KwabaseRoma 12:15).Uma ukhathazekile, buka indalo ngokomqondo kaNkulunkulu (Mathewu 6:25-26). Uma wonile, vuma izono zakho (Ihubo 32:3-5). Uma ulingwa, thathela emazwini kaNkulunkulu (Mathewu 4:10). Uhlu impela lude.
Kungabukeka kuyinto elula, kodwa inkulumo ethi “Yenza okulungile okulandela lapho” ihlezi ifanelekile. Sike sizithethelele thina ngokwenza into ethile ngokusebenzisa izaba zokuthi “ukuthi kuhlanga hlangene”. Impela, izimo zethu zihlezi zihlangahlangeni, kodwa ubunkulunkulu buhlezi bulula kunalendlela thina eikubuka ngayo.
Ngesikhathi uEva elingwa ukudla emthini ophakathi nensimu, wayengathi “UNkulunkulu uthe…” bese eyahamba (Genesisi 3). Ngenkathi uAdamu esedlile, wayengakwazi ukufuna uNkulunkulu kunokuba yena acasha (Genesisi 3). Ngenkathi uKhayini ethukuthele wayekade engakwazi ukuthi enze okulunngile bese eyamukeleka (Genesisi 4). Ngesikhathi uSawule ethnywe nguNkulunkulu ukuyobhubhisa ama-Amaleki, kwakungafanele abeno hhala azigcinele lokho akubona yena ekuthanda ( 1 Samuweli 15). Ngesikhathi iNkosi uDavide ishiswa yimizwa, yayingakwazi ukuthi ivele iphenduke ihambe ( 2 Samuweli 11). Ngesikhathi uPhethro ephika uJesu, wayengakwazi ukumvuma uJesu (Lukha 22). Ngesikhathi uDema ebona okuhle komhlana, wayengakwazi ukuqhubeka athembeke okholweni ( 2 Thimothewu 4). Nali iphuzu; sivame ukwenza okungalungile esikhathini esiningi, bese silokhu siqhubeke njalo kulokho silokhu siya ngokungena obishini.
Esikhundleni salokho, “Yenza okuyikona okujlingile okulandela lapho”. Ukusebenzisa uHezekeli (14:14,20), cabanga izibonelo zokulunga esizinikezelwe nguNowa, Daniyeli, uJobe. Unowa, ezweni lobubi (Genesisi 6:7-8), wavele wenza okulandela lapho okulungile, ethobela ngokulalela umyalelo weNkosi (Hebheru 11:7). Udaniyeli, owayecindezelwe ukuba aphile ngendlela yabahedeni, wavele wenza okulungile okulandela lapho, akazange akudle ukudla kwabezizwe “okwakufuneka akudle” (Daniyeli 1:8), kwathi lapho ethenjiswa ukufa,kunalokho wahamba waya kokhuleka (Daniyeli 2:18, Daniyeli 6:10). UJobe wayekwazi lokho, akukhathalekanga ubunzima ayengaphansi kwabo, into okuyiyona elungile elandelayo kuhlezi kuwuku khuleka (Jobe 1:20, Jobe 2:10)
Funda ukuphila ngomzuzu owodwa ohamba ngaphambili. Ungavele wenze lokho obungakwenza; yenza lokho okuyikona okulungile okulandelayo.Ungaboni kuphela lokho okuzokwenzeka; phokophela ukuvele wenze lokho okulungile okulandelayo.
Masingakhathali ngukwenza okuhle, ngokuba siyovuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali. 10 Ngakho-ke njengokuba sinethuba, masenze okuhle kubo bonke, ikakhulu kwabendlu yokukholwa.
KwabaseGalathiya 6:9-10
