“Yibani ngababongayo.” – liphela kanjalo ivesi kwabaseKohlose 3:15

Ukubonga mhlawumbe yindlela yokuziphatha enhle elula nje, izingane zifundiswa lokhu kusukela ebuncaneni bazo. Kodwa, akusiyona imfihlo ukuthi ukubonga futhi kuyindlela yokuziphatha enhle esikubalekelayo ukuba nayo kanye nokubambelela kuyo. Izimo ezinzima zempilo, amaphutha asobala ngisho nakwizinto ezinhle kakhulu, ukuphoxeka ngenxa yobukulindele komunye, konke lokhu kuyasilinga ukuba singalaleli umyalelo olula ophetha abaseKholose 3:15, othi “Yibani ngababongayo.”

Ukubonga kulula ukukubona- ngokusobala nje bala o-“ngiyabonga”obezwayo usuku nosuku bese uqaphela ukukhombisa ukubonga okuvela kulabo esibathandayo. Kodwa ukungabongi kunzima ukukubona- kakhulukazi kithina.

Izaba ziyakufihla ukungabongi. Kukhona ngisho izindlela ezilungile zokuziphatha kodwa noma zinjalo ziyakubulala ukubonga ezinhlizweni zethu. Umuntu ocophelelayo uma enza izinto, ngokulangazelela ukwenzisisa uma elungisa into eyodwa engalungile,uyagqiba ukubonga ngezinto eziningi azenza kahle zaphumelela. Umuntu obuka amukele izimo njengoba zinjalo, uyaziba into enhle engabakhona esimweni esithize esingesihle engadinga ukuba kudluliswe ukubonga ngenxa yayo. Umbono oveza kakhulu ukonga ovela kumqaphi wempahla oqotho, ngakube ukudla noma imali noma okunye, uyakuqeda nya ukuveza ukubonga obekungaba khona ngokwenza okuhle okwengeziwe. Ukungafisi ukuthathwa njengomuntu ongenabo ubuhlakani noma umuntu olula, kusenza siqhakambise kakhulu indlela enhle yokuziphatha eyodwa kangangokuba kuze kugqibeke izenzo zokuba sibe ngababongayo.

Ukubonga akusikho nje ukungabi khona kokucasuka. Ukubonga kudinga umfutho. Ivesi kwabaseKholose 2:7 lidinga amaKrestu abe nokubonga okuchichimayo. “Yibani ngababongayo” akusiyona into ezenzakalelayo kodwa idinga ukuthi sifake amandla.

Ngokulandelayo uma udinga ukuphawula ngenhloso yokulungisa isimo esithile, qala uzwakalise ukubonga ngalokho okulungile kulesosimo.ngokulandelayo uma ukhungethwe ubunzima bezimo ophila ngansi kwazo, qala ngokubonga labo abenza izimo lezo zibekezeleke kangcono. Ngokulandelayo uma uzizwa engathi ungenza noma yini oyifisayo, qala ngokubonga. Kuzokwenzeka ungazizwa kahle uma usaqala, kodwa kulabo abaseduze nawe kuzoba isenzo esihle futhi esiveza ukufuza uKrestu abayohlezi besikhumbula. Khumbula, uJesu lo, okwathi emuva ngokukhala ngenxa yokushona komngani wakhe (ngokukaJohane 11:35,38), waqala umkhuleko wakhe ngokuthi “Baba, ngiyakubonga…” (ngokukaJohane 11:41).

Ngemuva kokuthi zonke izinto ozizuzile empilweni sezikhunjuliwe, engathi inkonzo yakho yomngcwabo ngelinye ilanga ingaphetha ngokuthi ”futhi_________ubegcwele ukubonga