What all would you have done today?

Yimiphi imisebenzi yakho yansuku zonke? Wake wahlala phansi ekupheleni kosuku wabe usbhala uhlu lwemisebenzi yangalolo suku? Kungenzeka sinohlu lwemisebenzi okumele siyenze usuku nosuku, kodwa ngakube uyakubala okwenzile osukwini? Uma kungathiwa hlanganisa imisebenzi ndawonye, yimaphi amaqoqo emisebenzi ozoba nawo? Qala namanje, ubhale phansi lokho osukwenzile kulesisikhashana, bese uthatha lesosiqeshana sephepha sibe kuwe, bese njalo emuva komsebenzi ngamunye, wufake kuloluhlu. Uma ucabanga loluhlu lwemisibenzi luzobukeka kanjani ekupheleni kosuku?

Ngakube uzobe uthandazile esithe (Mathewu 6:6)?
Ngakube uzobe ukuthokozelile ukufunda iBhayibheli lakho (Amahubo 119:16)?
Ngakube uzobe wenzile okuhle kwabanye (Hebheru 13:16)?
Ngakube uzobe umphathe kahle lowo oshadelwe naye (Efesu 5:33)?
Ngakube uzobe uke wathokoza ngokudlulele eNkosini (Filiphi 4:4)?
Ngakube uzobe uke wanikezela ukubonga okukhulu (1 Thesalonika 5:18)?

Bala izinsuku zakho, ukuze ungayikhohlwa iNkosi uNkulunkulu wakho.

Nkosi, sifundise ukubala kahle izinsuku zethu, ukuze sizuze inhliziyo enokuhlakanipha.

-UMose, Amahubo 90:12