What makes Christmas wordly
Yize noma njengaMakhrestu singathokozela ukudlala kweculo elinesifundiso esiphilile ngoKhisimusi emsakazweni wabangakholwa , thina, ngisho nalo izwe, siyabona ukuthi umgubho kaKhisimusi usunenkeshezana encane “kaKhristu” esele kuwona. Izwe liyasithanda lesisikhathi sokugubha, kodwa kuncane kakhulu ukucabanga kwalo ngoKhristu kanjengoba belivele lenza unyaka wonke.Ukuthi “UKhisimusi unobuzwe” ngokudabukisayo lokhu kuyiqiniso ngezindlela eziningi.
Kodwa, njengazozonke izinto zinobuzwe, akusizona izinto ezenza ukubukeka kukaKhisimusi ezinobuzwe. UKhisimusi wenziwa ube nobuzwe, hhayi ngabantu abasemhlabeni, kodwa wenziwa yingxenye egcwele isono kwizinkanuko zalabobantu—futhi lokho kungashiwo nangawo futhi Amakhrestu. Sigubha uKhisimusi ngendlela enobuzwe lapho sona ezinhlizweni zethu, ngaleyendlela nangezenzo zethu.
Ukunikezela kanye nokwamukela izipho yisenzo esihle kakhulu sokupha nokubonga, kodwa siba ubuzwe lapho siphelezelwa wumona. Ukufaka izibani nemihlobiso emibalabala kungaba yinto enhle eyenziwa umndeni, noma ingaba wumsebenzi onobuzwe lapho wenziwa ngokukhononda. Ukulungiselela, ukuphakamela, kanye nokuthokozela isindlo esiconsisa amathe ngokuqinisekile kuyisibusiso esivela eNkosini kodwa senziwa sibe nobuzwe lapho sidliwa kungekho ukubonga kanye nokuzithiba.
Izipho, imihlobiso, izibani, izihlahla, ukudla, amakhekhe kanye noshokoleydi akuwenzi uKhisimusi ube nobuzwe. Isono esenza uKhisimusi ube nobuzwe. Ukungahlanganyeli ekupheni ngezipho, kwimihlobiso, izibani, izihlahla, ukudla, amakhekhe kanye noshokoleydi akuwenzi uKhisimusi ube nobunkulunkulu. Ukulunga kwenza uKhisimusi ube nobunkulunkulu. Kungabe-ke wenza imikhuba ethize kaKhisimusi noma awuyenzi, yenza konke ukwenzela udumo likaNkulunkulu ( 1 kwabaseKhorinte 10:31).
Incawdi 2 KwabaseKhorinte 6 ikhuluma ngokuzahlukanisa nezwe ngoba uNkulunkulu uhlala nathi. Bese, kwincwadi 2 KwabaseKhorinte 7:1 indela yokuzihlambulila thina ekubeni nobuzwe ichazwe ngalamazwi:
‘ Bathandekayo, lokhu sinalezo zithembiso, masizihlambulule kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu. ‘
Phelelisa ubungcwele kwizenzo zakho zonke kulesisikhathi sikaZibandlela. Masibeni yisibani sobungcwele emhlabeni ongekho ngcwele.
