Give yourself to the Church

Ngo April 5, 1891, uCharles Spurgeon wakhuluma lamazwi alendelayo kwintshumayelo yakhe ngalolusuku:

Zinikele uqobolwakho eBandleni. Nina eningamalunga eBandla anilitholanga lilihle ngokuphelele nami ngiyathemba ukuthi nicishe nizizwe nijabule ngokuthi anilificanga kanjalo. Uma ngangingazange ngijoyine iBandla kuze kube ngithola lelo elihle ngokuphelele, alikho nhlobo iBandla engangizolijoyina! Ngalesosikhathi ngilijoyina, ukube kuthiwa ngalithola elikanjalo, ngangiyolana, ngoba kwase kungeke kube yiBandla elihle ngokuphelele emuva kokuba ngibe yilunga lalo. Noma kunjalo, lingalihle ngokuphelele, kithina lisayindawo ethandekayo la emhlabeni.

Bonke abaqale bazinikela eNkosini, kufanele, ngokuphuthuma, baphinde bazinikele kubantu beNkosi. Iyiphi enye indlela ekungaba khona ngayo iBandla emhlabeni?Uma kulungile ukuba kubekhona noyedwa ozinqandayo ukuba athathe ubulunga eBandleni, lokho kulungile kuwona wonke umuntu, lapho-ke ubufakazi ngoNkulunkulu emhlabeni buzolahleka! Njanganalokhu sengishilo, iBandla linamaphutha, kodwa lokho akusisona isizathu sokuthi ungalijoyini, uma ngabe ungoweNkosi.

Futhi akufanele amaphutha akho akwenze udlalele kude, ngoba iBandla akusisona isikhungo sabantu abalungile, kodwa yindawo elungiselelwe izoni ezisindisiwe ngoMusa, yize zisindisiwe, zisayizoni futhi zidinga lonke usizo ezingaluthola kuzwelo nokwelulekwa abanye Abazalwane. Ibandla inkululisa yabantwana ababuthaka baNkulunkulu lapho bondliwa khona bese bekhula babenamandla. Isibaya sezimvu zikaKhristu- ikhaya lomndeni kaKhristu.

Charles Spurgeon, “The Best Donation,” (No. 2234) isichasiso sencwadi yesi 2 KwabaseKhorinte 8:5 eyathulwa ngo April 5, 1891 e-Metropolitan Tabernacle e-London, eNgilandi.

lokhu akubanga njengokuba sasilindele, kodwa azinikela wona kuqala eNkosini nakithi ngentando kaNkulunkulu, saze samncenga uThithu njengokuba wayesevele eqalile phambilini ukuba nakini awufeze futhi lowo msebenzi womusa. Kepha nakuba nivamile kukho konke: ekukholweni, emazwini, ekwazini, nasekukhuthaleni konke, nasothandweni esinithanda ngalo, manje nivame nakuwo lowo msebenzi womusa.Angikusho lokhu njengomyalo, kodwa ukuba ngokukhuthala kwabanye ngivivinye ubuqotho bothando lwenu.

2 KwabaseKhorinte 8:5-8