Umusho wokuqala kwintshumayelo edumile uJesu asake wayishumayela usho lokhu:
“Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.
NgokukaMathewu 5:3
Thina, ngokufanayo nezwe, sivamise ukuphila engathi yilokho okunomqondo ophikisana nalokhu okuyiqiniso. Siyakholwa, ngokuvamisile siziphathe, engathi yilabo abaphakame, abazenzele bona ingcebo, abazithanda bona, abacebile, abanamandla, abazithembe bona, abazibeka bona phambili ababusisiwe, ngoba umbuso wabo yiwona lempilo engawo.
Makabongwe uJesu Khristu, thina sinendlela engcono yokubuka impilo kunaleyo. Siyazi ukuthi yilabo ababeka eceleni yonke into engabo, bese bathobele iZwi likaNkulunkulu okuyibona abazothola isabelo kwimpilo leyo ezayo maduzane. Yingakho sijoyina abazalwane ukuyukhonza ngamaSonto, sihlangenyele futhi maphakathi nesonto, kunokuthi silibele ukujahana nemibuso yasemhlabeni yomsebenzi nezokungcebeleka. Yingakho sikhuleka usuku ngalunye sithi “intando yakho mayenziwe” nokuthi “ususindise kokubi” kunokuthi sikhulume phezu kwesimo sithi “ngiyanqoba”nokuthi “ngingakwenza lokhu!”. Yingakho sinqoba okubi ngokuhle, sinakekela abasweleyo, singeninsa izihambi, sitshela abanye ngoJesu esikhundleni sokulokhu nje sibheke kulokho okuthandwa yithina. Yingakho sinethemba laphakade ngisho kukhona izinkinga zasemhlabeni, sinentokozo yaMakrestu esikhundleni sokulahlekelwa okujwayelekile, futhi singakwazi nokunika ukubonga ngisho nangesikhathi kunezimo ezinza kubemnyama empilweni.
Siyazi ukuthi labo abakubonayo ukuswela kwabo ngokomoya bese beza kuKhrestu bazobusiswa, ngoba bazophepha kulempilo, bafinyelele kwezayo, lapho uNkulunkulu eyiNkosi, futhi siyizakhamuzi ezibusisekile kulowo mbuso.