Ukuthi uMbhalo awunalo iphutha kuchaza ukuthi awunakho ukuhluleka kanye nephutha (ngokukaJohane 10:35). Ngakho uMbhalo, uhlezi uyiqiniso futhi angeke ushintshe. Azikho izinto eziphikisanayo kuwo uMbhalo futhi zonke izifundiso zawo ziyahambelana noma azinakho ukushayisana.

Lokhu kungabi nephutha kuwumphumela wokuthi uNkulunkulu uyiqiniso ( Zakhariya 8:8) ngakho ke iZwi Lakhe liyiqiniso ( 2 Khorinte 4:2). Ngenxa yokuthi umthombo weBhayibheli uNkulunkulu Qobo Lwakhe, akusiyena umuntu, lokhu kuchaza ukuthi iBhayibheli qobo lwalo liyiqiniso kanjalo futhi linegunya ngokungokwalo elikulo uqobo lwalo. Njengeqiniso elizimile elingenakushintsha, iBhayibheli libeka izinga ekumele lilandelwe maqondana nempilo kanjalo nangokomoya futhi linegunya lokufuna ukuba sikholelwe kulo (Thithu 2:11-15).

Ngokungafani nazozonke ezinye izinkolo, ubuKrstu beqiniso abukhethi ukuthi imiphi imibhalo ebalulekile noma esho okuyikona kuneminye. Sikholwa yiBhayibheli, iBhayibheli lonke, akukho okunye kuphela iBhayibheli.