UmKrestu angasifuya yini isilwane asithandayo? Lona ngumbuzo owabekwa njengesigameko sokufundisa indlela yokucabanga ngezinto eziphathelene nempilo ezinokuphikisana okuningi futhi okungekho okucacile ngazo. Iyodwa indlela engokweBhayibheli ekhona ukufundisa ngazo zonke izinto eziphathelene nalokhu kuphila-kusukela kwizinto ezisobala kuya kwizinto ezibucayi.
Ngakho ke, umKrestu angasifuya yini isilwane asithandayo? Kumele yini umKrestu abe nesilwane asifuyile asithandayo? Ngakube ukufuya isilwane osithandayo yinto yabantu abakhonza izithixo okungamele yenziwe ngamaKrestu?
Okokuqala, ngakube kukhona yini uMbhalo okushoyo ngokucacile maqondana naleyonto?
Deda kokubi, wenze okuhle, uyakuhlala kuze kube phakade..
AmaHubo 37:27
Uma ukufuya isilwane osithandayo kuwumyalelo ngokucacile, wonke umuntu kumele awulalele. Uma ukufuya isilwane osithandayo kunqatsheliwe ngokucacile, wonke umuntu akakugweme.
Kodwa, ukuba nesilwane osifuyile osithandayo akusiwo umyalelo, futhi akunqatsheliwe kuwo uMbhalo.
Okwesibili, ngakube uMbhalo kukhona okushoyo kodwa ngendlela ecashile ngayo leyonto?
Lowo ohlonipha umyalo akayukwehlelwa ngokubi, ingqondo yohlakaniphileyo
iyasiqonda isikhathi esifanele nokwehlulela.
UMshumayeli 8:5
Ngakube ikhona yini imigomo ekuwo uMbhalo, mhlawumbe izibonelo noma izaga, engasikhanyisela kuloludaba lokuba nesilwane osifuyile ngoba usithanda?
Yize iZaga 12:10 zingakhuthazi futhi zinga kuchithi ukufuya isilwane osithandayo, kodwa ziyasho ukuthi ziphathe kahle izilwane. UGenesisi 1 ukhombisa ukuthi simele sibuse phezu kwezilwane, kanjalo futhi, yize ingekho inkulumo eqondile ngokufuya isilwane osithandayo, siyazi ukuthi akumele sibuswe yizilwane esizifuyile. Okungaphezu kwalokho, ziningi izibonelo ezingatholakala kuwo uMbhalo zabantu ababefuye izilwane abazithandayo, kodwa singekho nasinye isibonelo esihle ukuba silandelwe noma isibonelo esibi ukuba singalandelwa. Futhi ke, izilwane ezazifuywa ngalesosikhathi kwakwenzelwa ukuthola imali, ukwehla wenyuka uya emsebenzini, izimpi kanye nokwenza imihlatshelo. Lokhu kwakunganikezi umqondo lowo wokufuya njengokwenhloso yombuzo.
Ngamanye amazwi, ikhona eminye yemigomo yokuxhumana kwabantu nezilwane kuwo uMbhalo, kodwa khona kunjalo, ayikho ephendula umbuzo wokufuya nokungafuyi isilwane osithandayo njengoMkrestu.
Ngakho ke, okwesithathu, yikuphi ongakuthanda kakhulu?
Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo kunokuthokoza nokuzithokozisa, inqobo nje uma besaphila, futhi kuyisipho esivela kuNkulunkulu, asipha umuntu ukuba wonke umuntu adle, aphuze, athokozele wonke umshikashika wakhe.
UMshumayeli 3:12-13
Lokhu kungavumelana nakho kokubili.
Umbono wokuqala: ngiyazithanda izilwane ezifuywayo, lokhuakusisona isono noma akusikho ukuthi ukulunga, akuyona into enobuhlakani noma into ewubuwula (ngaphandle uma ngihluleka ukusinika izinga elifanele lokusinakekela nokusibusa). Futhi ngiyazithanda izilwane ezifuywayo, ngakho-ke yebo, uNkulunkulu ufuna ngithokoze ngezilwane Azidalile bese ngikufake emandleni ami ukubusa phezu kwaso bese ngiyathokoza ngazo. Kodwa ke, akufanele neze sithande izilwane (ngisho nezithandeka kakhulu) ngaphezu kokuthanda abantu (ngisho nesingathandwa kakhulu) njengalokhu abantu benziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu futhi banemiphefumulo ephila phakade.
Umbono wesibili: Angizithandi izilwane ezifuywayo, lokhu akusisona isono futhi akusikho ukuthi ukulunnga, akuyona into enobuhlakani noma into enobuwula (ngaphandle uma ngihluleka ukusinika izinga elifanele lokusinakekela nokusibusa).futhi angizithandi izilwane ezifuywayo, ngakho ke, yebo uNkulunkulu ufuna ukuthi singabi umthwalo kimi.
Lokhu kungenzeka ukuthi isibonelo esilula, kodwa kuyasiza ukucacisa ukuthi sibhekana kanjani nezimo zempilo ezidinga ukubaqotho. Akukho uNkulunkulu akuyalile ukuba kwenziwe , noma akunqabelile, okuyoke kube nokushayisana nokunye noma kusenze sikhethe phakathi kwakho kokubili. Singabamba zonke izinto ngokombono weBhayibheli uma silandela imigomo yeBhayibheli ukubhekana nezinkinga zempilo. Engathi uNkulunkulu angadunyiswa kukona konke esikwenzayo!