Sonke sinobuwula kithina. Kunezindlela zansuku zonke lapho sizithemba khona ukwedlula ukuthemba uNkulunkulu. Akunzima ukuzibhala phansi izinto esibhekane nazo, lapho sizithemba thina khona, noma sithembe umngani kunokuthemba umyalelo uNkulunkulu asinikezele wona.
Thatha umshado njengesibonelo. IBhayibheli liyasinika umyalelo wokuthi kungani sifanele sishade, sishade nobani, siwuchaza kanjani umsebenzi wendoda kanye nowenkosikazi, sibakhulisa kanjani abantwana, nokuthi sibahlonipha kanjani abazali bethu asebekhulile. Kodwa sike sizizwe sesisho amazwi akanje “UMa wayevame ukwenza kanje….” Noma athi “Ngikhule ngendlela ehlukile” noma athi “Ingcono eyethu indlela”.
Asibheke futhi imali. UNkulunkulu uthi yongela isikhathi esinzima esizayo, kodwa futhi nikela ngokuthokoza. Thina, senzani, sithatha yonke into siyibophe kuyona yonke imishwalense yezemali eqhamukayo, noma sizitshele ukuthi sikholwa kakhulu uma sithatha yonke into sinikela ngayo. UNkulunkulu uthi qaphela uma wenza izikweletu. Thina senzani, siqala ngokufonela ibhange ngaphambi kokuvula iBhayibheli uma sihlela ukuthenga umuzi.
Senza okufanayo ngendlela esibheka ngayo ukusebenza kwethu. UNkulunkulu uthi sebenza futhi usebenze kanzima. Kodwa sivumelana nesisebenza nabo ukwenza umsebenzi omncane kakhulu kodwa sisalindele umholo, ngisho nokukhushulelwa imbala. UNkulunkulu uthi sebenza ukuze uzothuthuka kancane kancane; zonke izitolo zomhlaba zithi “Ngenela umcintiswano uwini izigidi ngokushesha”.
Kunobuwula kithina sonke. Kodwa njengaMakrestu, amuthandayo uNkulunkulu futhi siyakholwa yiZwi Lakhe, simelwe ukububulala lobuwula obukithina. Simelwe ukuyibona lento yethu yokulangazelela ukulandela indlela esijwayele ukubona kwenziwa ngayo kunokulandela imiyalelo.
kwiZaga 22:17-21 kuphathwa uhlobo oluphambili lokulalela. Ungazinikeli nje kuphela ukufunda kumaphutha akho; lalela ulwazi.
Beka indlebe yakho,uzwe amazwi ezihlakaniphi, usigcine enhliziyweni yakho isifundiso sami,ngokuba kuyokuba mnandi ukuba ukulonde enhliziyweni yakho,lapho konke sekulungele izindebe zakho.Ukuba ithemba lakho libe kuSimakade,ngikwazisile khona namuhla,yebo, wena.Angikulobelanga yini izeluleko nokwazi ezinsukwini ezintathu,ukuba kukufundise iqiniso,namazwi athembekile,ukuze uthumele impendulo eyiqiniso kwabakuthumileyo na?
Izaga 22:17-21
Ukulalela kuyisidingo sokuqala esandulela ukuhlakanipha. Kodwa kungesikho uhlobo lokulalela lokuthi “kungene ngapha kuphume ngapha”. “Lalela” kusho iZaga ,”ngokutthi ufundise indlebe yakho ukuhlezi ilengele ngakwimiyalelo yabahlakaniphile.” lamagama athi “Beka indlebe yakho” kahle kahle asuselwa kumagama anikezela isithombe sesihlahla esisekugcineni kwehlathi esilengele kude ukuze sithole imisebe yelanga okuyiyo edingakalayo ukuba sikhule. Ngamanye amazwi singathi “lengisela indlebe yakho” esikhundleni sika “beka indlebe yakho”. Shisekela ukufunda ukuhlakanipha. Kakhulu ngendlela yokuthi ukuhlakanipha kube ingxenye yempilo yakho uthi lapho uvula umlomo kuphume amazwi alabo abahlakaniphile.
Isiphetho sokulalela kwimiyalelo yaPhezulu sinezithelo ezinhle: ubuhlakani beqiniso; ubuhlakani obanele ukubhekana nezimo zonke. Lapha, uma udlula kancane maphakathi nencwadi yeZaga, kunencaziselo enhle kakhulu emayelana nendlela enhle kakhulu yokuthola uhlobo oluphambili lobuhlakani.
Ungathembi indlela esekujwayeleke ukwenziwa ngayo izinto nemibono yabantu. Lalela iZwi likaNkulunkulu, lapho ke uzothola ukuhlakanipha, obuningi ngaphezulu kwalobo ongabudinga.