Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu! owasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu, ukuba sibe nethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaJesu Khristu kwabafileyo
1 Phethro 1:3 (IsiZulu 2020)
Kwincwadi ekhuluma ngezinhlupheko zabantu, uPhethro uqala ngokucula iculo lokubonga elingoNkulunkulu. Kwenzeka kanjani ukuba agcwale ukubonga uma ezokhuluma ngezinhlupheko abantu ababhekene nazo? UPhethro wayemazi uNkulunkulu. Ukuzigcina ucabanga ngendlela okuyiyo uma uphakathi ezinhluphekweni, kumele wazi uNkulunkulu njengoba uPhethro ayemazi uNkulunkulu.
Okokuqala, uPhethro uthi, UNkulunkulu unguNkulunkulu wesihawu.
“Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu! owasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu
ISihawu singaphezudlwana kwesihle nje. Ukuba nesihle kuchaza ukuthi wenza into enhle wenzela umuntu oswele. ISihawu sona, ukwenza into enhle wenzela umuntu ofanelwe ukujeziswa. UNkulunkulu unguNkulunkulu wozwelo nomusa, kodwa uNkulunkulu kakhulu, kakhulu; Ugcwele isihawu futhi. Uma senza ukona bese sesidinga isijeziso esisheshayo nesaphakade, uNkulunkulu usikhombisa uxolo olugcwele isihawu. Leli yiqiniso ngoNkulunkulu esingabambelela kulona ezikhathini ezinzima. UNkulunkulu unguNkulunkulu wesihawu.
Kodwa ezikhathini ezinzima, uPhethro ubona enye into ngoNkulunkulu futhi. Ivesi lithi
“owasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu”
Lokhu kukhuluma ngensindiso ngokukamoya! Kwizikhathi sobuhlungu nezinhlupheko zasemhlabeni, uPhethro ukhumbuza abangani bakhe ukuthi uNkulunkulu akanakekeli izinto zethu zenyama kuphela, kodwa uyaxazulula nezinkinga zethu ezinkulu zikamoya. Njengalokhu ingekho indima owayidlala ekuzalweni kwakho kwasemhlabeni, ngokunjalo uPhethro uthi, ayikho indima oyidlalayo nasekuzalweni kwakho kabusha, ngoba nguNkulunkulu owenzile ukuba sizalwe kabusha. Ubuhlungu basemhlabeni kumele busenze sibhekise amehlo ethu kwisihawu sikaNkulunkulu oxazulula ubuhlungu bethu baphakade. UNkulunkulu ugcwele isihawu, futhi uNkulunkulu uyasindisa.
Kodwa, uPhethro unezezela masinyane, ukuthi uNkulunkulu akasisindisi kuphela bese esesiyekelela ukuba sizizamele ngokungokwethu ukuyaphambili, uNkulunkulu usisindisela ukusinikezela ithemba.
owasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu, ukuba sibe nethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaJesu Khristu kwabafileyo
Mzalwane, unethemba lokuvuka ekufeni njengalokhu noJesu Khristu wavuswa kwabafileyo.
Ukuyibeka ngomusho owodwa ojulile, uPhethro uthathe bonke abangani bakhe abasezinhluphekweni, wabatshela ukuthi uNkulunkulu ngeke abakhombise kuphela isihawu kwizingqinamba ababhekene nazo manje, kodwa ekugcineni uNkulunkulu uzozilungisa zonke izingqinamba zethu lapho sifa bese sesivuselwa ekuphileni okulandelayo.
UNkulunkulu ukhombisa isihawu lapho sifanelwe ukujeziswa.
UNkulunkulu wenza ukuba sizalwe kabusha ngokukamoya.
UNkulunkulu usinikezela ithemba lokuthi ngelinye ilanga ukufa kuzonqotshwa ingunaphakade, bese thina sibenokuphila kwaphakade.