UCharles Spurgeon wake waphawula wathi:
Ukukhuleka esidlangalaleni akusikona ubufakazi bokuzibophezela kuNkulunkulu. Kuyinto eyenziwa inqwaba yabazenzise. Kodwa ukukhuleka ekusithekeni yinto umzenzisi angenayo inhliziyo yayo.
UE.M Bounds wakhuluma ikulumo encishe ifane, kodwa ngokwegqikithi yokufunda ukuthi kukhulekwa kanjani:
Umkhuleko awufundwa eklasini, kodwa egujini lokukhuleka elisesithe.
Umkhuleko enye yezinto ezenziwa zobunkulunkulu esingazenza ekusithekeni. Abangakholwa kungenzeka bangenami uma ubakhulekela esidlangalaleni, kodwa angeke bakuvimbele ukuthi ukwenze lokho ekusithekeni. Amakholwa kwesinye isikhathi anamahloni ngisho okucela umkhuleko ukuba akhulekelwe ngomunye, kodwa ungakwenza lokho ngasese bona bengazi.
Lokhu kugxila ekwenzeni kahle kakhulu kumkhuleko wangasese yingqikithi yento yesinye sezikhathi uJesu efundisa umthandazo odumile u”Baba wethu osezulwini”. Kwincwadi ngokukaMathewu 6:1-18 sithola isihloko somkhuleko wangasese kuyiso esiyisisekelo kumkhuleko u“Baba wethu”.
UNkulunkulu uyabona ekusithekeni, ngakho zenzele indawo yokukhuleka ekusithekeni.