Yize noma kokubili iBhayibheli ( isambulo sekhethelo) kanye nayo yonke indalo ( isambulo esicacile kubantu bonke) zinikezelwe nguNkulunkulu kubantu, kodwa iBhayibheli kuphela eliqukethe ngokungokwalo igunya lokugcina.
Isambulo sikaNkulunkulu esicacile kubantu bonke, singesiqhubekayo nsuku zonke (Amahubo 19:2), asinawo amazwi (Amahubo 19:3) futhi sisabalele umhlaba wonke ngokwendawo (Amahubo 19:4). Isambulo esicacile kubantu bonke sifundisa ukubakhona kukaNkulunkulu njengoMenzi , sifundisa ngamandla Akhe kanye nenkazimulo Yakhe (Jobe 12:7-9, Amahubo 19:1, KwabaseRoma 1:20).
Isambulo Sekhethelo asisabalele ngokokugxila, ekutheni ingqikithi yokumbulwa kwaso yakhele kumuntu uJesu Khristu (NgokukaJohane 1:1, 14). Lesisambulo sambulwa nguNkulunkulu kulelo qeqebana elikhethiwe, okwathi lona ngokukhuluma nokubhala lasabalalisa ngqo isambulo abasamukeliswa ( 1 EkaJohane 1:1-3). Ngakho ukufunda noma ukuzwa Imibhalo kuyiyona yodwa indlela isambulo sekhethelo esingaziwa ngayo (KwabaseRoma 10:14-15).
Igunya lesambulo esicaciswe kuwona wonke umuntu likalelwe ukuthi kwahlulelwe labo abaliphikayo (KwabaseRoma 1:28). Igunya lesambulo esikhethekile liqondene ngqo futhi lichazwe kabanzi, ukwenzela ukuthi kubekhona futhi kufeneke ukukholwa nokulalela umthetho (IZenzo 17:30; 2 KuThimothewu 3:15-17).
Zombili izambulo zikaNkulunkulu, esicacile kubantu bonke nesekhethelo zivulelekile kithina. Ngakube uyakholwa futhi uyalalela umthetho walokho uNkulunkulu akwambulile?