UMbhalo ulanda ngezikhawu eziningi zemigubho ethokozisayo kubazalwane.

UMose wenza abantu ukuba bacule ngemuva kokubona uNkulunkulu Olwandle oluBomvu, uMiriam yena wathatha ithamborini, wengeza ngelakhe iculo kwimigubho kuEksodusi 15. Ngemuva kokubona amandla kaNkulunkulu, uDeborah no Barak baqhuma ngomhlabeleli kwincwadi yaBehluleli 5. Ngesikhathi uDavide ebuyisa uMphongolo wesiVumelwano kuIsrayeli kwabakhona intokozo enkulu ( 2 Samuweli 6:15), kanjalo futhi ngesikhathi uSolomoni ehambisa uMphongolo wesiVumelwano kwithempeli elaliwubukhazikhazi, kwabakhona umgubho weviki lonke ( 1 Amakhosi 8:55). Lapho abantu bakwaIsrayeli sebeqedile ukulivusa ithempeli (kuEzra 6:16), noNehemiya eseqedile ukwakha udonga ( Nehemiya 12:27, kwabakhona futhi imikhosi efanele.

Amahubo 118 abalula izizathu zomgubho ogcwele injabulo phakathi kwabazalwane, kodwa isizathu sinikiwe kuvesi 24 iqiniso lokuthi uNkulunkulu nguye owenze lolosuku!

Yilolu usuku alwenzileyo uSimakade, siyakwethaba, sithokoze ngalo.

Amahubo 118:24

Izizathu ezikanje zendumiso egcwele ukwethaba zisabalalisiwe ngaMahubo amaninigi abizela abantu kumgubho onentokozo ngenxa nje yobukhulu bukaNkulunkulu ( Amahubo 95:1-3), ubuhle bukaNkulunkulu (Amahubo 100:4-5) nangenxa yeqiniso elisobala lokuthi Usenzile ( Amahubo 100:1-3).

Ngaphandle kokungabaza okuyilona idili eliseqophelweni eliphezulu kokudlulele lomgubho ogcwele intokozo isidlo somshado weWundlu lihlanganiswa nabangcwele sebehlanganiswa ingunaphakade.

Masithokoze, sethabe, futhi simnike udumo, ngokuba umshado weWundlu ufikile, nomakoti walo uzilungiselele.

Isambulo 19:7

Kungaba izikhathi zeziga ezinkulu zikaNkulunkulu, noma ukunakekela Kwakhe kwansuku zonke, thina njengaMakrestu simelwe saziwe ngemigubho egcwele ukwethaba. Ngenkonzo ejwayelekile yangeSonto cula ngokwethaba, ngoba uNkulunkulu nguye okudalile, wadala mina, wadala nabanye ngisho nalo lolosuku imbala. Uma kukhona isizathu esibalulekile sokudumisa ngenxa yesiga esikhulu esithize empilweni yakho, impilo yebandla, noma imigubho yomlando webandla, yenza umsindo ogcwele ukuthokoza kuNkulunkulu, ngoba akukho nokukodwa obekungenzeka ukube Yena uNkulunkulu akazange akwenze ukuba kwenzeke.