Siphila esikhathini lapho impakamo nengcebo kuyikona osekunikezela incazelo “yempilo enhle”. Kodwa, iZaga 16:18 ziyaqinisekisa ukuthi impakamo ayimholeli umuntu kwimpilo engcono, kodwa kukho ukuwa.

Ukuzidla kwendulela ukuwa, nomoya oziqhenyayo wandulela ukubhadazela.

IZaga 16:18

Ivesi elilandelayo, iZaga 16:19, ngelinye lamaqiniso ngobungcono kwincwadi yeZaga, elithi ukuthobeka nokuhlupheka kungcono kunengcebo nokuzidla noma impakamo.

Kungcono ukuba nomoya othobekileyo phakathi kwabahluphekayo, kunokuhlukaniselana impango nabazidlayo

IZaga 16:19

Bese ivesi elilandela lapho linikezela umthombo wokuthola okuhle kulokhu kuphila

Oqaphela akukhulumayo ufumana okuhle, ubusisiwe owethembele kuSimakade

IZaga 16:20

Umongo weZwi likaNkulunkulu awusiyona nje kuphela ingcebo yobuhle uma kuqhathaniswa nokuhlakanipha kwalelizwe, kodwa nangakho ukucabangisisa ngendlela yokuphila amaqiniso amsulwa nasobala eZwi likaNkulunkulu, okuyikho okuletha uhlobo lwezenzo zokulunga ezenza impilo kulomhlaba ibe ngendlela egculisayo. Ingangakwenza ube undabuzekwayo, kodwa uyokwaziwa ngobuqotho, ukuba neqiniso nokuthembeka onakho. Ingangakwenza ukuthi ube ngonothile, kodwa uzolala kangcono ebusuku. Ingangakulethela “i-empire yakho” kodwa ikhaya lakho liyochichima uthando nobumnene.

Thola ubuhle eZwini likaNkulunkulu. Phila ngabo. Themba uNkulunkulu, yilapho la izibusiso zivela khona.