Uma umuntu esedlulile emhlabeni akasenasabelo kulokho okwenzeka ngaphansi komthunzi welanga (Umshumayeli 9:5-6). Okwesibili, uma umuntu esedlulile emhlabeni, akazilawuli lapho ekhona, akenzi noma yikanjani, futhi akekho kwabafileyo ongaba nomthelela kwabaphila, kuphela abaphilayo kumele mabalalele iZwi likaNkulunkulu elisemhlabeni (ngokukaLukha 16:19-31).
Ngakho, umbuzo ubuthi ngakube impilo yophilayo incike koseshonile yini?
Impendulo, emfushane ithi, CHA.
Pho incike kubani? Akesibheke kulo iZwi likaNkulunkulu, ekumele abaphilayo balilalele ngoba yilo kuphela elinamandla okuba nomthelela omuhle kumuntu, kunokuthembela kulokho okunesiqiniseko ukuthi akunawo umthelela ngisho nomubi (ngokukaLukha 16:31).
Kwincwadi equkethe ukuhlakanipha okwakukhona umhlaba ungakabi bikho (IZaga 8:22-26), nakhu esitshelwa kona ngoshintsho kwimpilo yomuntu, ngaphansi komthunzi welanga:
“Kodwa osabalelwa kwabaphilayo usenethemba…” (UMshumayeli 9:4)
UMshumayeli 9:4
Akekho umuntu osedlulile emhlabeni ovala noma avule izinto zomunye. Osadla anhlamvana, nguye qobolwakhe osemathubeni angcono kakhulu ukwenza ushintsho kulokhu kuphila, kunalowo osemukile kukho. Impilo yophilayo incike kuye uqobolwakhe ophilayo.
Ngakho uma izimo zempilo yakho zihamba kalukhuni yazi ukuthi ithemba lisekhona. Beka imicabango yakho kwizandla zakho nalokho ezikwazi ukukwenza, bese lokho okhona ukukwenza ukwenze “ngamandla akho wonke”.
“Noma yini isandla sakho esiyitholayo yenze ngamandla akho wonke, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona”.
UMshumayeli 9:10
Osaphila usanokwenza umehluko empilweni yakhe kulokhu kuphila, impilo yakhe incike kuye, kodwa ongasekho angeke esaba nomthelela ngisho nakwe yakhe impilo.