Odokotela abayizazi zokusebenza kwengqondo bathatha ukuphazamiseka kwengqondo okudalwa ukukhathazeka njengomkhakha bona abangachwepheshe bawo. Ngalesosikhathi, Imibhalo iyona ENGUCHWEPHESHE wokuphazamiseka okudalwa ukukhathazeka seloku kwangena isono ezweni. Ukukhathazeka ngokudlulele kungaziveza ngezindlela ezibonakalayo, kodwa njengoba kubizwa ngesono eBhayibhelini, siyazi ukuthi umsusa wakho kanye nesisombululo sakho siyizinto zikamoya.

Lezi izindaba ezinhle impela, imibhalo ayisinikezi kuphela indlela yokuthi siphila kanjani sinokukhathazeka okudlulele nokwesaba, kodwa isipha nekhambi lokukwelapha.

Umsusa wokukhathazeka nokwesaba uyizinto ezikumoya. Akuzona izigameko, kodwa indlela umuntu aphendula ngayo ezigamekweni eletha ukukhathazeka okudlulele. Akukhona ukungaqondi kahle abanye abantu okuletha ukwesaba, kodwa kungukungaqondi ngokuphelele noma kahle uNkulunkulu okuletha ukwesaba. Akukhona ukungazinzi kahle kwezinga lamakhemikhali emvelo asebuchosheni nasemizimbeni yethu okuletha ukukhathazeka, kodwa ukungazinzi kahle kwemicabango.

Ngakho-ke ikhambi lokwelapha ukukhathazeka kanye nokwesaba kuyizinto ezikumoya. Ukwazi umyalelo kaNkulunkulu (Matt 6:25), ukuhlinzekela kukaNkulunkulu (Matt 6:26), umqondo kaNkulunkulu (Matt 6:27), ubuchwepheshe bukaNkulunkulu (Matt 6:28-29), ukunakekela kukaNkulunkulu (Matt 6:30-31), ulwazi lukaNkulunkulu (Matt 6:32), okudingwa uNkulunkulu okwahlukile nokukhathazeka (Matt 6:33), isaga esingakhohlwakali sikaNkulunkulu (Matthew 6:34), konke lokhu kuyinjulo efakazelekayo kachwepheshe kulona lonke uhlobo lokuphazamiseka kwengqondo oludalwa ukukhathazeka ngodlulele nokwesaba. Konke lokhu kuvela nje kwisahluko esisodwa!

Kanjalo-ke futhi nakwabaseFiliphi 4 kukhulunywa ngomyalo kaNkulunkulu (Fil 4:6), umkhuleko kuNkulunkulu (Fil 4:6), ukuthula kukaNkulunkulu (Fil 4:7), nalokho uNkulunkulu ayalela ukuthi kuphilisa ingqondo (Fil 4:8), njenganesiqalo sokulwa nezikhathi zokukhathazeka. Ukushayela isipikili sokugcina, uPawulu uzisho yena njengofakazi wokuthi lezi zinto ziyasebenza (Fil 4:9).

Sekuyisikhathi sokuthi Amakhrestu abuyele kulokhu okwakusebenza kwasekuqaleni. Ngenxa yokuthi abaningi abazibiza ngaMakhrestu sekuyisikhathi eside bengamnaki uChwepheshe wokuphazamiseka kwengqondo, akusho ukuthi lokho okuyizindlela zezwe yikona esisele nakho. UNkulunkulu kuseNguye oqinisile. Abefundisi, okungenani labo abalazi ngempela iZwi likaNkulunkulu, basafaneleka kakhulu kuneningi elineziqu zezwe. UMkhrestu osebenzisa indlela kaNkulunkulu yokubhekana nokukhathazeka nokwesaba nguye osanolwazi olunzulu ekusebenziseni ikhambi elelapha ukukhathazeka ukwedlula bonke abalandela ukusetshenziswa kwezindlela zalelizwe.

 

…. kwenzeni konke lokho; uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.

KwabaseFiliphi 4:9
 
 

*Disorders of Anxiety and Fears yikona okuhumushwe kwathiwa “Ukuphazamiseka kwengqondo okudalwa ukukhathazeka kanye nokwesaba”.