Umkhuba wokudumisa – A pattern for praise

Kungani uBukhrestu buhlezi bugcwele indumiso? Kungani Amakhrestu akhulayo ekukholweni abizele labo abaseduze nawo ukuba nabo bazodumisa uNkulunkulu kanye nawo? Ngabe kungenxa yokuthi Amakhrestu awabhekani nezinkinga, awabhekani nokudumala, awebhekani nokulahlekelwa noma abekezelele ukudumala? Noma kungenxa yomkhuba uDavide akhuluna ngawo kuMahubo 34?

Uqala ngokudumisa uNkulunkulu okugcwele intokozo ( v1-2) ukuze nalabo abadangele bezokwazi ukuzwa. Bese-ke abamemele ukuthi bamujoyine ukwenza indaba kaNkulunkulu ibe indaba enkulu (v3). Ngakube uDavide ngenkathi esho lokhu usesimweni sokungakhathazeki, sokuba nenjabulo enkulu engenazo izinkinga? Cha! Wayebhekene nobungozi obubi ngemuva kokuqala abalekele endaweni yeNkosi yaseGathi,  aphinde abaleke kuyona indawo yeNkosi yaseGathi.Empeleni, ku 1 Samuweli 22:12 “wayenokwesaba kakhulu”. Uma ungabhekisisa izimo, omunye angacabanga ukuthi  wayesehlanya ngempela ngaphezu kokuba wayenza engathi uyahlanya!

Pho iyini imfihlo yakhe? Imfihlo kaDavide kwiHubo 34 wumkhuba  oyimfihlo uNkulunkulu awambulile kuwona wonke uMKhrestu. Kwizikhathi zezingqinamba, uMKhrestu ufuna uNKulunkulu kuqala, abheke kuNkulunkulu, akhale kuNkulunkulu ( v4-6), ethembele ngokugcwele ekukhululweni okuyisiqiniseko nakwimpendulo yomkhuleko ( v7-10)

Bese kulandela iziqhamu zokwesaba uNkulunkulu—ukuhlengwa, ngokuphinda phindiwe kungabibikho ukushoda kwezinto ezinhle. Ukushoda kokushoda!

Izwi lokuqhaphelisa la ukuthi lezizinto yilezo uNkulunkulu asho yena ukuthi izinto ezinhlw hhayi lokho thina esingakucabanga. Futhi, ukuhlenga kwakhe kuhlezi kukuhle, kodwa kungangaba yilokho thina esinakho emqondweni. Kungenzeka ukuthi ukuhlenga kwakhe kufake phakathi nokufa qobo ukuze ekugcineni siphunyule kwizingqinamba zakulomhlaba onindwe yisono bese siba Naye ingunaphakade. Ngakho zibophezele ekutheni ungaqageli noma ululeke ukuthi ukuhlenga kwakhe kufanele kubukeke kanjani! Kuze kube yimanje uyasiduduza ezikhathini ezinzima (v18). Omaka bokusaba uNkulunkulu kweqiniso bacaciswe ngokusobala kwintobeko (v7) nakubungcwele (vv11-14)—yizinto lezi ezinhle ukuba uzigcine emqondweni wenzela lapho sekufike izikhathi ezinzima!

Ngokufanele siba nokuthembela kuNkulunkulu okukhulu uma sekusondela izingqinamba ezintsha, ngesikhathi sikhumbula izikhawu zokuhlenga kwakhe okuthembekile akwenzile ngesikhathi esidlulile. Sifunga sigomele, zingakaqala izinkinga, ukuthi kuzophetha ngomunye umzuliswano wokudumisa uNkulunkulu, kuzophetha ngobunye ubufakazi bokuhlenga nokunakekela kwakhe, ngobunye ubufakazi emhlabeni, yebo, ngisho nangomunye ubucibilisholo emgodleni ukubhekana nezingqinamba ezizolandela. Futhi siphinde sibone isizathu esikhulu sokuthemba lapho lelihubo liqhathanisa izinceku zikaNKulunkulu nalabo abangamukhonzi uNkulunkulu ( v15-22). Uyakulalela ukukhala kwethu sicela usizo, kodwa hhayi okwabo. Uyangenelela azosihlenga thina, ngisho nasezinkingeni eziyinqwaba, kodwa avumele ukuhlushwa ukuthi kubhubhise labo abamuphikile nabazonda abantu Bakhe, enze ukulahlwa kwabo kume.

USimakade uyakukhulula ukuphila kwezinceku zakhe,

akekho ophephela kuye oyojeza.

Amahubo 34:22

Babaza uSIMAKADE kunye nami!