God knows your theological struggles
Enye yezahluko eMibhalweni ezivusa impikiswano ngokwesifundo sezwi incwadi kabaseRoma 9. Lokhu akusikho ngenxa yokuswelekala ngomqondo ocacile kulesisahluko, ngoba ukuhleleka komqondo ngolandelana kwenkulumo kusobala. Kunalokho impikiswano kulesahluko iphathelene nezinto ezisihluphayo thina ukuzamukela maqondana nezinye izambulo zikaNkulunkulu ezinikeziwe kwabaseRoma 9.
Kodwa ke, akusiyona igqikithi yesifundiso seZwi yencwadi abaseRoma 9 umyalezo wethu ophathelene nawo. Kunalokho, lepost izokukhombisa ukuthi uNkulunkulu ngokomusa wakhe usihola kanjani ekusidluliseni kwizinto Yena aziqonda ngokuphelele, kodwa thina esizabalazayo ukuziqonda.
UNkulunkulu uyayazi yonke into eyiqiniso Ngaye, ngensindiso, nangabantu. Kodwa kwisahluko seZwi Lakhe lapho embula khona ubudlelwano phakathi kwalawo maqiniso, Unakekela ngokungaphezudlwana ukusisiza ukuthi sibe nomqondo ohluzekile ngawo lamaqiniso.
Ingxenye eningi yesifundiso seBhayibheli yambulwa kithina kulezimo ezinkulu lapho uNkulunkulu embekana nabantu abahlukahlukene.Kodwa kwesinye isikhathi uNkulunkulu usebenzisa ukuyaleza okuqondile ukufundisa thina ngesifundiso esiphilile. KwabaseRoma 9 ezinye zezahluko ezisiyalelayo esize sisinikezele esinye sesambulo ngesandla sikaNkulunkulu esiphezu kwezinto zonke.Kodwa bheka nje ukuthi uNkulunkulu ngokomusa ukubhekelela kanjani ukuzabalaza kwethu ukuqonda izinto
KwabaseRoma 9:1-5 bananela inhliziyo kaPawuli mayelana nensindiso yeqoqwana elithile labantu aziyo yena ukuthi ngeke basindiswe bonke. Labo bantu babe namalungeli ekhethelo kamoya okwamukeliswa isambulo sikaNkulunkulu nomusa Wakhe, kodwa akusibona bonke abazosindiswa. Ngokushesha ungamangala, “ Kanti alanele yini Izwi likaNkulunkulu na? Kungani lokhu kungazange kubasebenzele bona?” Kwivesi elilandelayo masinyane, uNkulunkulu uyakuphendula lokho kuxakaniseka.
…Nokho akusikho ukuthi izwi likaNkulunkulu lehlulekile…
KwabaseRoma 9:6
Siphefumulela phezulu sakuphumula ngenxa yokukhululeka ukwazi ukuthi iZwi likaNkulunkulu alibanga naphutha, kodwa siqhubeke siumangale ukuthi kuzakanjani ukuthi labo abaneZwi likaNkulunkulu abasindiswa. KwabaseRoma 9:6-13 uNkulunkulu uyasazisa ukuthi impendulo yalowo mbuzo ilele kwinhloso kaNkulunkulu.
Yize noma impela lokho kuwuphendula umbuzo, kodwa sekukhona la sixakeka khona. Angithi kuthanda ukuthi lingabibikho iqiniso kuNkulunkulu nakwizinhloso Zakhe ekutheni labo abaneZwi Lakhe abasindiswa? uNkulunkulu uthatha umbuzo wethu, awubuze njengombuzo mbumbulu lokho ekwenzela thina, beseke, ngenxa yokuthi ukuxakeka kwethu kungenzeka kungayiqondi kahle lempendulo esobala, yena ayibeke obala.
Pho siyakuthini na? Ukuthi kukhona ukungalungi kuNkulunkulu na? Qha nakanye.
KwabaseRoma 9:14
Kuze kube yimanje uNkulunkulu usinikezele lokhu okulandelayo ukuphelelisa isithombe emqondweni yethu :
- Abaningi abaneZwi likaNkulunkulu abasindiswa, kodwa akusikhona ukuthi iZwi likaNkulunkulu liyahluleka.
- UNkulunkulu unenhloso eqondeni ngqo nomuntu ngamunye, futhi akukho ukungalungi kuyona.
Kangango kungabi nakudideka kwalokhu okuphelelisa isithombe, kodwa asikabi nakho ukuqonda, ngakhoke uNkulunkulu uyasichazela ukuthi impendulo ilele ekuqondeni isihawu Sakhe (Roma 9:15-16), Amadla Akhe, kanye nobufakazi Bakhe kwizinto zonke (Roma 9:17). UNkulunkulu uze asinikezele inkulumo efingqiwe eyangamela konke yokuthi intando Yakhe ihambelana kanjani nensindiso yabantu (Roma 9:18).
Kodw afuthi, yize noma kungekho ukushayisana kwincazelo kaNkulunkulu, sisanemibuzo elengayo. Emveni kokuzwa ukuthi “ Ngakho-ke unesihawu kulowo athanda ukumhawukela, umenza lukhuni lowo athanda ukumenza lukhuni.” (Roma 9:18) sicabanga sibuyele emuva embuzweni wethu wokuqala ngokuba nneqiniso kukona konke. Aphinde futhi, uNkulunkulu anikezele amazwi ekudidekeni kwethu.
Ngakho-ke nizakuthi kimi: “Kungani pho esasithola sinecala na? Ngokuba ngubani ongamelana naye na?”
KwabaseRoma9:19
“Yebo, yiwonangqo umbuzo wethu lowo!” Kulesisikhathi uNkulunkulu akasiphenduli ngento ekungenzeka singayiqondi, kodwa usiphendula ngento eyenza umqondo ophelele.
Maye, muntu ndini! Ungubani-ke wena ukuba uqagulisane noNkulunkulu na? Okubunjiweyo kungasho yini kumbumbi ukuthi: “Wangenzelani ngaba njena na?”Kambe umbumbi akanamandla yini ukuba esigaxeni esisodwa sebumba enze isitsha esihloniphekayo nesinye esingahloniphekiyo na?
KwabaseRoma9:20-21
Kunamaqiniso kamoya ngoNkulunkulu, ngathi, kakhulukazi ngensindiso, esikuthola kunzima ukuwahlanganisa ndawonye. Isihloko ekukhulunywa ngaso kwabaseRoma 9 singesinye salawo maqiniso esikuthola kunzima ukuwaqonda kahle—kodwa lepost ayikho nhlobo ngalesosihloko. Kodwa esikubonayo uma sifunda izwi likaNkulunkulu ngamaqiniso anjalo, wukuthi zonke izingcezu eziphelelisa isithombe esakha iqiniso ziyiqiniso ngokulinganayo. Thina, ngokungafani nezinye izinkolo, asigcizeleli elinye iqiniso kakhulu ukudlula elinyew, noma sibeke elnye inkulumo yelinye ivesi ngaphansi kwenye. Wonke amaqiniso ambuliwe ngokungokwawo ayiqiniso ngokuzimela kwawo, futhi awaphikisani nelinye iqiniso elimbuliwe nguNkulunkulu. Ziningi izingcezu ezingambuliwe ezibanga ukudideka okuningi kwezinye izikhathi, kodwa kungcono ngoba siyazi ukuti lezozingcezu azilahlekile. Zonke zifakwe ndawonye kwibhokisi elibizwa ngokuthi “ Umusa kaNkulunkulu, inhloso kaNkulunkulu, ilungeli likaNkulunkulu”.
Kulokho ngensindiso okumele kube nokushayisana okungaqondakali – ukuhambisana ndawonye kwesihawu nobulungiswa- UNkulunkulu uthathe isikhathi ukukwambula ngokwanele kithina ukuze sazi ukuthi uNKulunkulu akasiye ongenaso isihawu, ongalungile, noma ohlulekayo. Futhi khona manjalo uNkulunkulu ukwambulile lokhu ngendlela yokuthi sibone ukuthi Yena uyakwazi ukuxakeka kwethu futhi uyazibona izinkinga imiqondo yethu engena kuzona lapho singaqondi ngokuphelele. Ngakho ke lapho ufunda Izwi likaNkulunkulu, bese kuba nento ongayiqondi, qhubeka ufunde, ngoba iZwi likaNkulunkulu linikezelwe ngolwazi olugcwele lngemibizo esizoba nayo, kanye nazo zonke izimpendulo esidinga ukuba zambuliwe ukuze ukukholwa kwethu kungezukutholakala kungenalo iqiniso noma nokudideka kwethu.
Akumangazi kungani uMphostoli uPAwuli wayengaqopha wonke lamazwi kaNkulunkulu ayananela nakweyakhe inhliziyo, bese esephetha ngalamazwi alandelayo endumiso.
Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izehlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo! Ngokuba:“Ngubani owawazi umqondo weNkosi na?Ngubani owaba ngumeluleki wayo na?”Noma-ke:“Ngubani owaqala ukuyiphaukuze kubuyiselwe kuye na?”Ngokuba konke kuvela kuye, kukhona ngaye, kubuyela kuye; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade. Amen.
KwabaseRoma11:33-36