Uma kufika izingxabano, abanobunkulunkulu bayaqhubeka baziphathe
ngobunkulunkulu. Lesi yisisho esafundwa ngumfundisi ngeiminyaka esamusha emsebenzini
wevangeli. Isikhathi esiningi ngesikhathi sesingxabano, abafundisi, okufanele
baqhubeke babe nobunkulunkulu, bawela ezingeni lokuphendula okunokona uma
bebheka ukuthi bangaphendula bathini. Lokhu kuyiqiniso kuwona wonke Amakhrestu
okufanele aqhubeke aziphathe ngobunkulunkulu ukwedlula lelizwe. Izingxabano
ziveza ububi kuMakhrestu esikhundleni sobuhle. Ukuphendula okunesono
kwizingxabano kuvela kwizinkanuko ( ekaJakobe 4:1-2) ngesinye isikhathi
ezinokungakhuli njengokungafuni ukuhlulwa uma kukhona ukuphikisana, ukungafuni
ukungezwakali kahle, noma nje ukufuna ukuzwakala kungathiwa awazi.
Nomake kunjalo, abanabunkulunkulu bayaqhubeka baziphathe ngobunkulunkulu.
Noma ukukubeka ngenye indlela, kungcono ukoniwa, kunokuthi kube nguwe owonayo (
1 kwabaseKhorinte 6:7). Labo abaphila ngoMoya Oyingcwele, kumele bahambe ngezindlela
zikaMoya Oyingcwele. Indlela yethu yokuqala ukuphendula kwizingxabano kumele kube
yileyo yothando esinalo ngaye lona omunye umuntu nentokozo emuseni weNkosi
lapho siphokophelela ukuthula ngokubekezela nobubele,
sikhombise okuhle ngaphezulu kwalokho okufanelekile ngomoya wokuthembeka,
ubumnene nokuzithiba ( kwabaseGalathiya 5:22-25).
Engathi iNkosi ingasipha ubunkulunkulu bokuqhubeka siziphathe ngobunkulunkulu namhlanje.