Wake wazibuza ukuthi imiphu kubona bonke oJakobe abakwiBhayibheli owabhala incwadi ekaJakobe? Umbhali wencwadi ekaJakobe maningi amathuba ukuthi uJakobe esihlangana naye kwiTestamente Elisha owaziwa njengo ‘mfowabo kaJesu’. Umbhali wencwadi ekaJakobe, nguye umfowabo kaJesu Krestu, bazalwa ngumama oyedwa.
LoJakobe akusiye uJakobe, umfowabo kaJohane, owayengomunye waba yiShuminambili. Yizekunjalo, ngemuva kokuvuka ekufeni kukaJesu, loJakobe wabona ukuthi umfowabo abazalwa naye ngumama oyedwa uyiNdodana kaNkulunkulu, kwincwadi ekaJakobe 1:1 uzibiza ngokuthi “inceku kaNkulunkulu kanye neyeNKosi uJesu Khristu”. uJesu wayeyiNkosi kaJakobe, uJakobe wathobisela impilo yakhe ngaphansi kukaJesu.
uJakobe ungumuntu esimaziyo. kwiZenzo 12 uPhethro uyakhululwa ejele ngokwesimangaliso ubese eyala abazalwane ukuba batshele uJakobe nabanye abazalwane ukuthi yini esiyenzekile. Kungani uPhethro wagagula uJakobe ngegama? Mhlawumbe yingoba uJakobe ngezindlela eziningi wayengumholi wamaKrestu owaziwayo eJerusalema. uPhethro, uBhanabhasi, kanye noSawule owaba nguPawuli, nabo babe ngabaholi bamakrestu abaziwayo, kodwa babethunyelwe ngaphesheya kuMbuso wamaRoma njengalabo abatshala amabandla. Ngendlela ekubukeka ngayo, uJakobe wasala eJerusalema ukwelusa abazalwane ababengazange babalekela kwezinye izindawo ngesikhathi sokuzingelwa kwamakholwa.
Ngokokusho kwencwadi yabeGalathiya 1:19 uPawuli wake wabuyela eJerusalema ngesikhathi esithile wafika wathola kukhona uJakobe kuphela, bonke abanye abaphostoli behambile ukuya kwizingxenye ezihlukene zomhlaba. kwiZenzo 15, kwisigungu sokuqala saMakrestu eJerusalema, uJakobe uyena oyisikhulumi esihola umhlangano kudaba olwaludingidwa olwaluphathelene nokuhlanganyela kwabeZizwe kwiVangeli. Abantu ababe nomthelela onesisindo kulesisigungu nguMphstoli uPhethro noMphostoli uPawuli, kodwa uJakobe wayezahlukanisile ezithatha njengalowo onesiphiwo sobuhlakani nokuqonda ngokukamoya. Nguye impela osethubeni elihle lokuba yilowo owabhala kwiTestament Elisha incwadi efuze leyo yeZaga. ngokwabaseGaathiya 2:9, uPawuli ubiza uJakobe nge “nsika” yebandla ekanye noPhethro noJohane. uJakobe ngakhoke kungenzeka wayengumholi owaziwayo kakhulu wenkolo yobukrestu ekuqaleni kwezikhathi zeBandla.
Ngokwencwadi eyayibhalelwa abaJuda ababesabalele kuwona wonke umbuso wamaRoma, omunye angalindela ukuthi athi ukuthinta kancane ngokuzalwa kwakhe ukuze bezokwazi ukuthi ubani owabhala lencwadi, kodwa uzazisa nje kwaphela njengo ‘Jakobe’. Akungabazeki, ngokwaziwa kwakhe, kwakanele ukuthi bonke abazalwane bazi ukuba incwadi ivela kuphi.
Mbonge uNkulunkulu ngamadoda ebandla aziwayo aphila ngesikhathi sakho lawo akhonza abaningi ngobuqotho ezindaweni eziningi zomhlaba.