Abadala bebandla bangezinye zezipho eziningi zomusa kwiBandla ngalinye nakuMkrestu ngamunye. Yize noma uMbhalo ngesiqiniseko kuyiwo oyigunya eliphelele kuzona zonke izinto kwiBandla nakuMzalwane, uNkulunkulu wambulile kuyona Imibhalo ukuthi Uyabasebenzisa abadala bebandla ukusibumba ohambeni lethu loBukrestu. Lokhu kuyiqiniso ezingeni lokubambisana lapho uMzalwane ngamunye edlala indima yakhe ngokuphelele eBandleni ngalinye, kuphinde kube yiqiniso ezingeni lomzalwane ngokungokwakhe lapho uMzalwane kudingeka aphile ngobunkulunkulu nangendlela enengqondo. AmaHebheru 13:17 achaza abadala bebandla njengalabo abanakekela umphefumulo wakho. Ngokwecebo Lakhe, uNkulunkulu umisile amadoda ukuba anakekele umphefumulo wakho. Abadala bebandla bayisipho sikaNkulunkulu somusa eBandleni okulo, nakuwe qobolwakho.
Kodwa kunaBazalwane ngamunye, namaBandla , aqhubeka esebenza ngaphandle kokuba khona kwabadala bebandla. Lokhu kuyalilimaza kakhulu ibandla ngezindlela eziningi. KuThithu 1:5 kukhulunywa ngamabandla angenabo abadala bebandla njengendawo lapho izinto zingakami ngohlelo ngokuphelele. Uhambo lokuhambisa ivangeli izindawo ngezindawo lukaPawuli, njengokulotshiwe kwincwadi yeZenzo, ngokunjalo luyakufakazela ukuthi umsebenzi wokuhambiswa kwevangeli usuke usululungele uguquko lapho sekumisiwe abadala bebandla ( IZenzo 14:23).
Ubuholi noma Abadala bebandla baqinisekisa ukuthi izindaba eziphathelene neZwi nendlela ekuphilwa ngayo kulesosikhathi ayibangi ukwahlukana phakathi kwabazalwane ( IZenzo 15:2). Abadala bebandla bongamele ukunikelelwa kwezimali ukuze kungabibikho ukusetshenziswa budlabha kwazo ( IZenzo 11:29-30). Uma kukhona Isidingo esithinta ukwenziwa kwento ethile ngokomgomo weBhayibheli lapho uMbhalo unganiki umyalelo oqonde ngqo, yilapho ke kuzotholakala ubuhlakani ngabo abadala bebandla okufanele ulalelwe ( IZenzo 16:4 namaHebheru 13:17).
Ngenxa yomthelela omkhulu kangaka, kuyinto eyisenzo esibalulekile ukuba nabadala bebandla abaqotho ngendlela yokuthi ungabathemba ukugcina wena nebandla lakho nihamba endleleni elungile. Ngakho-ke uNkulunkulu ubeke ngokusobala izimfuneko eziyisisekelo ( 1 kuThimothewu 3:1-7; kuThihu 1:5-9). UNkulunkulu uphinde wakuveza ukuthi ababi ngabazibekile ( 1 kuThimothewu 4:14), futhi banomsebenzi abawumiselwe okumele bawenze ( 1 ekaPhethro 5:1-3).
Ngakube uyabathanda abadala bebandla abakuholayo ( 1 kuThimothewu 5:17)? Ngakube uyabavumela bakubuyise ngeZwi likaNkulunkulu lapho kunesidingo ( kumaHebheru 13:17)? Ngakube uyazama ukufuna nokulandela ukuhlakanipha kwabo kwizinto ezingachaziwe ngokusobala eMbhalweni ( kumaHebheru 13:7)? Ungabi yingxenye yeBandla elingenabo abadala bebandla futhi ungabi uMzalwane ongenaye umdala webandla.