Amakhrestu emhlabeni othi “Iva likhishwa ngelinyi’va”

Christians In a Tit-for-Tat World

Uphathwe ngokungafanele ngomunye umuntu—wenza njani? Ingabe ubuyisela ngenhlamba? Noma mhlawumbe ubhala ku-X (Twitter), ku-Facebook, noma ukufake ku-status sakho? Noma uyahluleka ukuzibamaba bese wenze okwenziwe kuwe ngoba kubonakala sengathi yileyo indlela impilo esebenza ngayo?

Siyabonga ukuthi uNkulunkulu ukhulumile ngaloludaba lokuyigcina indlela yokuphila yoBukhrestu lapho ephathwe ngokungafanele ngabanye abantu.

Uqala ngalomgomo:

‘ Ningaphindisi okubi ngokubi, inhlamba ngenhlamba; kepha busisani, ngokuba nabizelwa lokho, ukuba nidle ifa lokubusiswa.

1 KaPhethro 3:9

Bese-ke eseyaqhuma ngokuhaya inkondlo enezaga!

Umbhalo uthi:

“Lowo othanda ukuphila nokubona izinsuku ezinhle makanqande ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso. Akugweme okubi, enze okuhle, afune ukuthula, akuphokophelele, ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo, izindlebe zayo ziyayizwa imikhuleko yabo, kodwa ubuso beNkosi bumelene nabenza okubi.”

1KaPhethro3:10-12

Ungalokothi uvumile ingcindezi ecashisiwe yalelizwe ikwenze udele ukulunga nesibusiso ngenxa yobubi nenkohliso. INkosi ibhekile; iyokufakazela ukulunga kwethu.

Scroll to Top