your christian rights and responsibilities

Izwe liyadlulela uma kuziwa kumalungelo omuntu. Silendela izinto kwabanye, bese siyathukuthela uma bengahlabezi lokho esikulindele. Uma silinyazwe omunye, siyabuyisela buthule, ngokufuthelana, ngolaka, noma sithatha izinyathelo zomthetho ngoba sizwa ukuthi ilungelo lokukhokhelwa ngenxa yokulinyazwa omunye.

Kodwa, kuwona wonke uMbhalo, umuntu ubengazizwa encindezelekile kanzima ukufuna ithuba lokubelesela amalungelo. Eqinisweni, uthola ubufakazi obuningi obugqugquzela ukuthi ubekezelele ukoniwa kuokubuyisela okubi okwenziwe kuwe ( kwabaseRoma 12:16-21, 1 Phethtro 3:15-17; Izaga 16:18;njalo njalo).

Ngokungafani nemithetho yezwe ngokuyize ezama ukuvikela amalungelo omunye nomunye, umthetho kaSIMAKADE ubekwe ngokuthi umsebenzi komunye nomunye. Isibonelo, ilungelo lokuthi uphile lingezwakala lilihle futhi lisezingeni eliphezulu, kodwa alenzi ukuthi kubekhona ijoka ukugcina impilo yomunye njengoba umyalelo othi “ungabulali” wenza. Ukuzizwa unelungelo kuletha ukufuna ukuzithola kubile khona ukuziphindiselela, ukuzizwa unomsebenzi (wokwenza kahle komunye)kuletha ubungcwele kuwe.ngokufanayo, ukuvikela ilungelo lakho kulinga ukuthi uthethelele indlela ethandabuzekayo yokwenza izinto– isibonelo ukukhuluma kabi ngomunye KULUNGILE inqobo nje uma isithunzi sami sivikelekile. Kodwa, ukuzizwa unomsebenzi (wonkenza kahle) akudingi kuphela isiphetho esihle, kodwa kudinga nendlela elungile ukufinyelela kulesosiphethi– isibonelo ukugcina isithunzi sakho kuzodinga iqiniso, ubunkulunkulu, nesineke.

Kungakho uJesu wafundisa ukuthi sikhombisa ngobufakazi uthando lwethu Ngaye ngokugcina imiyalelo Yakhe ( ngokukaJohane 14:15,21;15:10), hhayi njengendlela izwe elisho ngayo, ukuthi asizithande thina (uMathewu 22:39 yiwona ovame ukusetshenziswa ngendlela engesiyo ukufundisa lokhu, kodwa futhi yiwona qobo obalula imithetho emibili– thanda uNkulunkulu, uthande abantu—bhekisisa lokhu njengoba nje usuzimisele ngokuthi uyazi ukuthi amalungelo akho athini)

Kuhlezi kukubi kakhulu ukwenza kabi kunokwenziwa kabi. Kuhlezi kungcono ukwenza kahle kunokuphikelela kumalungelo. Khumbula njalo ukuthi Izaga zixhumanisa ukuphila kahle kwakho kumsebenzi wakho (wokwenza kahle), hhayi amalungelo.

Ungazishayi ohlakaniphile emehlweni akho;
mesabe uSimakade
uqhele ebubini.

Lokhu kuyakuba yimpilo emzimbeni wakho, nokuhlunyelellwa kwamathambo akho.

IZaga3:7-8