Ukufunda iBhayibheli nsukuzonke kubalulekile ekugcwaliseni izingqondo zethu ngeqiniso likaNkulunkulu ngokuphila njengomkrestu nsukuzonke. Buka ukuthi kwabaseRoma 12:2-3 bayinikezela kanjani inselela kwindlela yethu yokucabanga.

Ningalingisi leli lizwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe yintsha ingqondo yenu ukuze nikwazi ukuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, okuthandekayo, nokupheleleyo. Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngithi kulowo nalowo kini akangazicabangi ukuthi mkhulu, kunalokho afanele ukukucabanga; kodwa acabange kube ngokuqonda, njengalokhu uNkulunkulu abele yilowo nalowo isilinganiso sokukholwa. ‘

kwabaseRoma 12:2-3

Ngakube wena uzinikele kanjani kuNkulunkulu? Uzinikele njengalowo olingisa lelilizwe, noma njengalowo owenziwa musha engqondweni yakhe? Ngakube uyayihlola imicabango yakho nendlela ophendula ngayo ukwenzela ukubona indlela uNkulunkulu afuna wena uphile ngayo, noma usaqhubeka ekulandeleni intando yakho ebukeka iyinhle emehlweni akho kuphela, engamukelekile kuNkulunkulu futhi ngokuyisiqiniseko engaphelele? Ngakube usuyayiyeka imicabango yokuziphakamisa wena oyicabangayo esikhundleni sayo ufake imicabango ngawe uqobo njengesoni esisindiswe ngomusa ukuze ukhonze uNkulunkulu ngempilo yakho yansuku zonke?

Gxumeka lamavesi engqondweni yakho abe njengombhalo oyisikhumbuzo oqoshiwe wase unamekwa emnyango wengqondo yakho, bese ungangeni emicabangweni yakho ngaphandle kokucabangisisa ngokomkhuleko ngawo lamaqiniso. Cabanga ngokucabanga kwakho.