Isimemezelo sesibili sesibusiso esivela kuNkulunkulu sibhekiswe kubantu esikwintshumayelo kaJesu edumile ‘INtshumayelo yaseNtabeni’ siqinisekisa ukuthi labo ababhekene nokukhathazeka okubuhlungu okwaziwayo yilabo abazobusiswa ngenduduzo kaNkulunkulu, ukuvuselela kukaNkulunkulu, nomusa kaNkulunkulu oletha ukukhululeka emoyeni.

Babusisiwe abakhalayo, ngokuba bayakududuzwa

ngokukaMathewu 5:4

Kuyisikhumbuzo, isibonelo, seHubo 32, lapho kuyilowo odangele ngenxa yokulahlwa yicala lesono asenzile wabe esesivuma lesosono kuSIMAKADE, owamukeliswa isibusiso esimangalisayo sokuxolelwa- isono sasibekelwa nokulahlwa yicala kunembeza kwasulwa ( Amahubo 32:1-5).

Lesisimemezelo salesisibusiso siyisikhumbuzo futhi kithina ukuba silile ngesikhathi  zezinhlupheko, hhayi nje kuphela ukudalula ukulimala nobuhlungu,kodwa futhi nokulindela  ukukhululwa nenduduzo kaNkulunkulu. KwiHubo 6:6 uDavide uyavukuvuma ukukhathala kukona konke ukulila kwakhe, kodwa bese eseyakuqoqa lokho kuvuma kwakhe ngokukhombisa ukwazi ngokuqinisekile ukuba nobubele bokuthethelela kukaNkulunkulu ( AMahubo 6:2) nokubhekisisa ngokunakekela isimo leso kukaNkulunkulu (Amahubo 6:9).

Masingabi nokungabaza ekukhaleleni ukonakala kwethu nezinhlupheko zethu phambi kukaNkulunkulu, ngoba impela  Uyakusiduduza, asivuselele, asiphakamise futhi ukuba sihambe ngentokozo kulokhukuphila, kanjalo futhi nakwimpilo ezayo.