Kunomehluko ukubonga kanye nokuhambisa ukubonga. Omunye engasho ngomlomo athi “ngiyabonga” ebe engakuqondile. Kanjalo omunye engasho ukuthi “ngigcwele ukubonga” ebe ekuphika lokho lapho enqaba ukukuveza.
Ukubonga kweqiniso kuhlale kuziveza ngokubonga kwalabo abalethe lokhu okubongwayo. Futhi kuyiqiniso ukuthi umkhuba wokunikeza ukubonga wenza ukuthi umuntu agcwaliswe ngokubonga.
UDavide wayaziwa ngokwesaba uNkulunkulu ngoba wayekwazi ukuthatha isipho sokukholwa kweqiniso esingukubonga asenze into ebonakalayo. Uyisibonelo sokuthi kuhanjiswa kanjani ukubonga nokuthi kukhulwa kanjani ekubongeni.
Ngiyakumbonga uSimakade ngayo yonke inhliziyo yami;
ngiyakulanda zonke izimangaliso zakho.
Amahubo 9:1
“Nikeza ukubonga” iyona into aqala ngayo. Isho uthi “Ngiyabonga..”. Kulula kanjalo nje. Jwayela ukusho lamazwi. Ikakhulukazi emikhulekweni yakho kuNkulunkulu. Ukuze azivikele ekubeni ngumzenzisi, uDavide ufaka inhliziyo yakhe yonke kulokhu, uthi “ngenhliziyo yami yonke”, lapha uphendula ukunikeza kwakhe ukubonga akwenze umkhuba wokugcwala ukubonga.
Ngokuba ukunikeza ukubonga kuyaphela uma ungagcwalisiwe ngokubonga, uDavide waqala ukuba nohlu lwezinto azenzelwe nguNkulunkulu –“ngiyakulanda zonke izimangaliso zakho”.
Ukugcwala ukubonga akuyona into ezenzekalelayo kubantu ababi, abazi ukuthi bafanelwe, nezoni ezizibeka zona phambili. Kodwa umzalwane angaphelelisa lesisimilo sokugcwala ukubonga empilweni ngokuzijwayeza umkhuba wokuba nohlu lwezinto ezinhle uNkulunkulu amenzele zona, ebese esho ukuthi uyabonga ngenhliziyo yakhe yonke ngazo zonke lezozinto. Emva kwesikhashana nje lokhu kuphenduka umkhuba ongaqedi nje kuphela ukungenami, kodwa uqeda nokuthanda ukugxeka nokukhononda, ukwenze uyeke nokukhathazeka nokuzibeka wena phambili.