Kunento exaka abantu abangakholwa, idide nakulabo abakholwayo. Ukuthi kwenzeka kanjani abantu abakhonza uJesu baxakeke, kodwa bona bengalubhadi ngisho nasesontweni uNkulunkulu uyabanika impumelelo. Lento iletha ungabazane olukhulu ngokukholwa ngisho nakubantu abakholwayo. Nali iqiniso elihle “uNkulunkulu unisa imvula kwabakholwayi nabangakholwa”, yonke impumelelo ivela kuNkulunkulu, ngakube uyakholwa noma awukholwa. Nasi isikhuthazo ekumele sibambelele kuso, isimo sakho sempilo ngokwezinga lempumelelo akusona esinquma intokozo kaNkulunkulu ngawe.

Bheka nangu umlisa mumbe owayethokozile ngempumelelo yakhe, futhi egculisekile yiyo: Lukha 12

Omunye esixukwini wathi kuye: “Mfundisi, tshela umfowethu ukuba angabele nami ifa lakwethu.”

Kepha uJesu wathi kuye: “Mngani, ngubani ongibeke ukuba ngibe ngumehluleli noma ngumabi wefa lakwenu na?”

UJesu wayesethi kubo: “Qaphelani, nilwexwaye lonke uhlobo lokuhaha, ngokuba ukuphila komuntu akumisiwe ngubuningi bomcebo wakhe.”

Wabalandisa umzekeliso, wathi: “Amasimu omuntu othile owayeyisicebi ayekhiqiza isivuno esihle. Wazindla wathi: ‘Ngizokwenzenjani, ngokuba anginandawo engizofaka kuyo isivuno sami na?’

“Wayesethi: ‘Nakhu engizakukwenza: ngizakuzidiliza izinqolobane zami, ngakhe ezinkulu, ngibuthele kuzo sonke isivuno sokusanhlamvu, nempahla yami. Bese ngithi emphefumulweni wami: “Mphefumulo, usunezimpahla eziningi ezilondolozelwe wena iminyaka eminingi. Ngakho-ke phumula, udle, uphuze, futhi ujabule.”’

“Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Siwula ndini, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakuthathwa kuwe. Pho-ke ziyakuba ngezikabani lezi zinto ozilungisileyo na?’

Kubanjalo-ke kumuntu ozibekelela ingcebo ebe engacebile ngokukaNkulunkulu.”

ngokukaLukha 12:13-21

Kodwa nansi into enquma intokozo kaNkulunkulu ngawe, “ukuba izono zakho zixolelwe” ( funda kwabaseRoma 4:7-8), ngaphandle kwalokhu impumelelo yakho iza ngokomusa kaNkulunkulu owabelwe abantu bonke (ngokukaMathewu 5:45). Kodwa lowomusa akusiwo onquma intokozo kaNkulunkulu ngawe. Kodwa intokozo kaNkulunkulu ngawe, iza ngomusa owenzelwa labo abakholwa kuJesu (ngokukaJohane 6:27,29) ngaleyondlela “bacebile ngokukaNkulunkulu

Ngakho kunokuba ukhubazeke emoyeni ngenxa yempumelelo nempakamo yongakholwa, dabuka uma ubona oqhosha ngakwenzelwe nguNkulunkulu kwesikhashana, kodwa engakufuni lokho uNkulunkulu angamenzela kona kube yimpumelelo yaphakade.

“ukuphila komuntu akumisiwe ngubuningi bomcebo wakhe”