Inhlupheko noma ukweswela yinto elusizi kakhulu. Uma uyazi uyabazi ubuhlungu bento engikhuluma ngayo. Ukungabi nalutho ungazi uzothatha ini uyihlanganise nani kunzima. Ukweswela umsebenzi, ukudla, izembatho, ikhaya nokunye okuniningi okuyizinkinga okuza nayo inhlupheko yinto ehlala kanzima enhlizweni. Uma sifunda iBhayibheli siyathola ukuthi ngisho noNkulunkulu unozwela olukhulu maqondana nabahluphekile. kwiZaga 19:17 siyafunda ukuthi lowo obenomusa kwabampofu lesosenzo somusa usenze kuNkulunkulu uqobolwakhe. Ngakho simelwe ukuba nozwela kulabo abahluphekile. Kanti nalowo owenza kabi phezu kwabahluphekile uyakulutheza olunekume kulowo onguMenzi wakhe (IZaga 14:31).
Kodwa ukuhlupheka ngendlela ekubalwe ngayo la ngenhla nangaphezulu kokubaliwe akumenzi lowo okulesisimo abe ngowamukelekile kuNkulunkulu maqondana nokulunga. Yize uNkulunkulu enokuzwelana nabahluphekile maqondana nenhlalakahle emhlabeni, kodwa lokho akusho ukuthi lowo ohluphekile inhlupheko imenza abe ngobuyisene noNkulunkulu. Inhlupheko yasemhlabeni ayiwona umnikelo wokuhlawulwa kwezono zomuntu ukuze uma umuntu efa abonane nomenzi wakhe.
Nansi inhlupheko eyisibusiso, lowo owehlelwe yiyo angaqinisekisa ukuthi ngayo ubuyiseni noNkulunkulu. UJesu amazwi okuqala awaphimisele uma ekhuluma, efundisa kwintshumayelo yaseNtabeni athi:
“Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo”
ngokukaMathewu 5:3
Ukuba mpofu emoyeni akusikho ukuswela ukudla nomsebenzi, kodwa ukuzibona izono zakho zokuphula umthetho ongcwele kaNkulunkulu oNgcwele. Ukuvuma ukuba uyisoni nesikhohlakali, ngaphandle kukaJesu wedukile, welahlekelene noNkulunkulu onguMenzi wakho. Loluhlobo lokuhlupheka yilo olubusisekile. Ozibonayo ukuba ukulenhlupheko nguye obusisekile. Ngoba ngisho nombuso wezulu ungowakhe. Uyakuqaphelisisa ukunikelwa kukaJesu njengesihlengo esanikelelwa amahlazo akhe ukuze axolelwe bese ebuyisana noNkulunkulu.
Ngakho uma sibona abaswele, senza kahle ukuba silule isandla. Kodwa kakhulu kunalokho simelwe ukudabukela imiphefumulo yabo ngoba uma befa bengabuyisene noNKulunkulu, bayoba senhluphekweni isibili, usizi elungeyikuba nasixazululo.
Nayi induduzo yethu njengabazalwane uma sikulesisimo senhlupheko yasemhlabeni:
“Umzalwane ompofu makazincome ngokuphakanyiswa kwakhe”
ekaJakobe 1:9
ohluphekayo ngokwasemhlabeni uma engabuyisene noNkulunkulu ngokubeka ithemba kuJesu uyakuhlupheka isibili uma edlula emhlabeni