IZaga 30:5a zisho lokhu:
Wonke amazwi kaNkulunkulu ahloliwe
IZaga 30:5a ( Zulu bible 2020 version)
“Ahloliwe”, ukuhumushwa ngaleligama isiphetho nje somsebenzi wokucubungulwa kolimi olucacile. Isithombe esisobala esisinikezwa wumqondo lapho kususelwa khona leligama elihumushwe ngokuthi “Ahloliwe”yileso sokucibilikiswa ngokushisa okukhulu kwetshe elimbiwa phansi elinamaminerali (i-ore) ukuba likhiphe igolide noma isiliva elihlanzekile lenani eliphezulu. Ngokwendalo iore iyigxube yetshe, kulokhu asithi, negolide. Uma selicibikilisiwe ngokushisa okukhulu, itshe negolide kuyahlukana. Igolide liyagcinwa, itshe nokunye okusanhlabathi kuthathwa njengokungcola bese kuyasuswa njengodoti ongenamsebenzi walutho. Ukuze kukhiqizwe igolide elihlanzisisekile kuyaphindwa futhi lokhu kucibilikiswa ngokushisa okukhulu kwenziwe, ngasikhathi sonke uma lokhu kwenziwa kususa ezinye izinto ezivumbukuyo zizikhombise ukuthi zingukungcola.
Yize noma lesisithombe sokucibilikiswa ngokushisha okukhulu sisethenziswe lapha kwiZaga 30:5, umqondo wokuhlanzeka ngezigaba ukuze kuhlanzisiseke akusilona iphuzu esilinikezwayo. Akunjengokuthi iZwi likaNkulunkulu ngokungokwalo linamaphutha bese ngokuhamba kwesikhathi lahlolwa labe selilungiswa. Cha nakanye akunjalo.
Kunalokho, lesisithombe esisinikwa ngaleligama kwiZaga 30:5 yileso sokuthola igolide elihlanzisisekile kunasake atholakala, ukuhlolisisa ngokulicibilikisa ngokushisa okukhulu uliphinda phinda uzama ukuthola ngisho nokuncane ukungcola, kodwa ungatholi lutho. Igolide elinjalo aligcinanga ngokutholakala lisesimweni esihlanzekile kodwa ukuhlanzeka kwalo bufakazelekile ngokuhlolisiswa.
IZwi likaNkulunkulu lihlanzekile ngokwemvelo yalo, liphinde lifakazeleke ukuhlanzeka kwalo ngisho selivivinywa ezimweni ezinzima kakhulu.
Ngokwezwi nezwi, IZaga 30:5a zigahumushwa kanje “Lonke izwi likaNkulunkulu njalonjalo liyahlolisiswa noma kunjalo lisafakazeleka ukuthi lihlanzekile”
Indlela esingalenza ngayo isenzo ikanje: Ukuba nezwi likaNkulunkulu njengomfundisi empilweni yakho, ugcineka uphephile kwimpilo egcwele isono, ubuwula nengenamsebenzi walutho.
Wonke amazwi kaNkulunkulu ahloliwe
IZaga 30:5a (Zulu bible 2020 version)