“Ibimnandi intshumayelo yakho” amagama okuncoma wonke umshumayeli afuna ukuwezwa ngesikhathi ibandla seliphuma endlini yokukhonzela. Futhi isikhathi esiningi lamagama ashiwo evela kwinhliziyo ekhombisa ukubonga ngokweqiniso umsebenzi womshumayeli njengesitsha ebesisentshenziswa nguNkulunkulu ngalelo langa.
Kodwa, eqinisweni, yini eyenza intshumayelo emnandi?
Intshumayelo emnandi iqukethe izingxenye ezimbili ezibaluleke kakhulu.
Okokuqala, ngokusobala ukuchazisiswa kahle kweZwi likaNkulunkulu.
Bafunda encwadini yomthetho kaNkulunkulu, bawuhumusha ukuze abantu bawuqonde ukuthi uthini.
UNehemiya 8:8
Okwesibili isicelo sokushintsha.
Isicelo sokushintsha ngeke senzeke ngaphandle kwencazelo ecacile yeZwi likaNkulunkulu, uma kungenjalo akusona isicelo sokushintsha okuyisona sona. Kodwa ngaphandle kwalengxenye yesibili, intshumayelo iphelela ekubeni ukuhlaziywa kokulotshiwe kuphela.
Awuke ubheke lelivesi elichaza ukuphela kosuku lokushumayela obekuchazwa kulelivesi elingenhla:
Bonke abantu bahamba bayokudla, baphuza, bapha abantulayo ukudla, bajabula kakhulu, ngokuba babekuzwile abakutshelwayo.
UNehemiya 8:12
Abantu bashintsha indlela yokubuka izinto kanye nezenzo zabo ngenxa yalokho ababekufundile.
Umfundisi usuke engakashumayeli kahle uma engakachazisisi uMbhalo ngokucacile; futhi usuku engakashumayeli kahle uma engakafaki kuwe Isidingo sokuthi ushintshe.
Lokhu kuchazani kuwena olalele ngesikhathi kusashumayelwa?
Okokuqala, Lindela ukufunda IZwi likaNkulunkulu kangcono, bese, ngokubalulekile impela, Lindela ukushintsha. Uma kungekho lutho olufundile futhi kungekho okushintshile, usigejile isifundo ebesinikezelwa. Uma kubenjalo ngisho ungasho ngeqiniso ekupheleni kwenkonzo uthi “yamnandi insthumayelo yakho, mfundisi” lawomazwi awosho lutho.
Ukuhlanganisa lezizingxenye sizibeke ngomqondo wokunikezela isexwayiso, 1) kuqaphele ukuqhubeka ufunde kodwa lungabibikho ushintsho, ngoba lokho akusikho ukufunda, futhi 2) qaphela ukushintsha ngaphandle kokugqugquzelwa yiqiniso, ngoba lokho kuyobe kungesilona ushintsho.
Intshumayelo emnandi intshumayelo emi ngeQiniso leBhayibheli emiselwe ukuthi kubekhona ushintsho ezimpilweni zabantu.
Amahubo 119:33 Simakade, ngikhombise indlela yezimiso zakho; ngizoyigcina kuze kube sekugcineni.