Icebo elenziwe ngesikhathi selidingeka, liyicebo elenziwa isikhathi sesidlulile. Ukuhlela ngaphambili uhlelela isimo esingenakugwemeka, noma okukancane ukuba senzeke, yinto esiyijwayele kakhulu. Izinkampani zomshwalense ziyavelela kakhulu ngamacebo esiwenzela izingozi okukancane ukuba zenzeke, noma ukufa okuyinto engenakugwemeka. Sinamacebo ezimo eziphuthumayo esiwenzile senzela uma kufika izimo ezifana nobugebengu, inhlekelele evela ngokwemvelo noma izidingo zosizo lwezezempilo.
Kukhona omunye umshophi ongenakugwemeka wempilo ofika njalo uma kuqhathaniswa nokunye, kodwa sivame ukuba namalungiselelo amancane kakhulu ngokwendlela yezinhlelo zethu esizenze ngaphambili ukukwazi ukubhekana nakho uma sekufile. Yisimo sempilo esijwayelekile lesi, izinhlupheko. Izinhlupheko zempilo, mhlawumbe ngaphezudlwana kuneminye imishophi, ziveza indlela ekubaluleke ngayo ukuba necebo kusenesikhathi ngaphambi kokuba zifike. Kunzima ukuhlela kahle isifundo seZwi ngokwegamela izimo zempilo kukaNkulunkulu uma sezivele izimo ezinzima sezifikile, kodwa uma usebenzisa isikhathi lapho kusekuhle ukwakha kahle leloqiniso, laphoke sizoba nosizo olukhulu ngokumangazayo ukubhekana nezingqinamba. Ngokufanayo, kunesisindo esihle ukuthatha umshwalense wezimo zezempilo ngaphambi ngokuba kufika lobo buhlungu obungapheli.
Incwadi 2 kwabaseKhorinte incwadi equkethe izinhlobo nhlobo zezinhlupheko. Kwisahluko sokuqala uPawuli usevele uveza iCebo lakhe eliqondeni nezinhlupheko. Uma kufika izinhlupheko, yenza lokhu:
- Dumisa uNkulunkulu ngokudlala indima yokududuza ngesikhathi sezinhlupheko ( 2 kwabaseKhorinte 1:3),
- Bheka ukuthi ududuzwa kanjani nguNkulunkulu ukuze uzokwazi ukwabela abanye ngenduduzo owaduduzeka ngayo uma nabo sebekwizinhlupheko ezifana nalezo odlule kuzo ( 2 kwabaseKhorinte 1:4-7),
- Veza konke , ungafihli, imininingwane yezinhlupho obhekene nazo ( 2 kwabaseKhorinte 1:8-9a),
- Bona ukuthi sekuyisikhathi sokuyeka ukuzithemba wena, esikhundleni salokho ncika kuNkulunkulu ( 2 kwabaseKhorinte 1:9b-10) kanye nakwinhlanganyelo yaBazalwane ( 2 kwabaseKhorinte 1:11),
- Bese khona uzokwazi ukuzigcina ucabanga kahle, yima isibindi sokuqhubekela ezintweni ezisobala zobunkulunkulu ( 2 kwabaseKhorinte 1:12)
Ukungena ezinhluphekweni kuyinto engena kugwemeka kulomhlaba onindwe yisono. Yakha icebo ukuze ukuba sezinhluphekweni kwethu kuzokhombisa ubufakazi bokholo oluqinile kuNkulunkulu, uthando olungapheli amandla lobuzalwane, kanye nentokozo yokuba nonembeza omsulwa.