Amahubo 10 ngezindlela eziningi yiHubo elihle kakhulu uma ubhekene nobunzima njengokuba sembhedeni wasesibhedlela kulabo abakholwayo ngisho nakulabo abangakholwa. YiHubo lobunjalo bezimo– ubunjalo bezimo obunganambithisiseki
Funda amavesi okuqala ayishumi nantathu, bese ubona ukuthi izicelo
zenhliziyo yakho azilokhu zibuza imibuzo efanayo. Ngakube uNkulunkulu akaboni? Kungani
ukungcola kubonakala engathi kuyaphumelela kangcono kunobunkulunkulu? Kungenziwa
kanjani ngalabo abaningi abangaphansi kokucindezelwa bengenalo usizo? Ikhona into
engaletha ukwehla kulabo abagcwele impakamo?
Njengalokhu kufanele wonke amakholwa eqiniso, lemibuzo ihamba ihambe
iphendle indlela eya kuhlobo lwezimpendulo olunikezela ulwazi ngoNkulunkulu.
UNkulunkulu uyakubona konke (14a). UNkulunkulu uthembekile (14b). UNkulunkulu
unamandla ngokwedlulele (15) futhi uyabusa phezu kwazo zonke izindaba
eziphathelene nomuntu (16). UNkulunkulu uyayizwa imikhuleko yakho (17a),
uyalwakha ukholo lwakho Kuye (17b), futhi usevele uqinisekisile isiphetho
esilungile kukona konke (18).
Uma ubunjalo bempilo bunganambithisiseki, kungabe ngenxa yenkinga encane, noma ngenxa yobubi obukhulu, vumela inhliziyo yakho ukuthi ikhale kuNkulunkulu, bese ngesibindi uncike kwisimilo Sakhe.