Ukukhathazeka nempakamo akuvamile ukucatshangwa njengezinto ezihlobene, kodwa kunjalo zihlobene. Kungenzeka ungazizwa uphakeme ngesikhathi usakhungathwe ukukhathazeka, kodwa impakamo iyizimpande zakho ukukhathazeka. Ngesikhathi ukhathazeka, uyaziphakamisa uzibeke ezingeni lokubhekana nezinkinga ezingaphezulu kwezinga lezinto okumele ubhekane nazo.
INkosi uDavide wayekuqonda lokhu. Kumthandazo wakhe omfishane, eMbhalweni, sithola isivumo salokho okuwumsusa wokukhathazeka okudlulele.
Simakade, inhliziyo yami ayizigabisi,
namehlo ami awaziphakamisi,
angingeni ezindabeni ezinkulu
nasezintweni ezingehlulayo.
Ngiwududuzile, ngawuthulisa umphefumulo wami,
njengomntwana elunyulwa ebeleni likanina,
unjalo-ke nomphefumulo wami
ngaphakathi kimi.
Israyeli, yethemba uSimakade
kusukela manje kuze kube phakade.
Amahubo 131
UDavide wayeno kuningi ayengakhathazeka ngakho ekukhuleni kwakhe, elindele umbuso, nalapho eseyinkosi eminingi iminyaka. Lomkhuleko wakhe waba ngelinye lamaCulo awuhlonze ayesohlwini lamaculo ayeculwa amakholwa esikhathini enyuka imiqansi enyukela eJerusalema ukuyogubha imikhosi yonyaka.
Lona umkhuleko owaphendulwa ihubo ukukhumbuza amakholwa ukuthi isixazululo zokukhathazeka okudlulele ukwazi ukuthi ezinye izinto aziyona indaba yethu ukukhathazeka ngazo, ngoba thina asiyilutho, kuphela uNkulunkulu Ophakeme kunezinto zonke, izinkathazo ezidida ikhanda zempilo zikwisizinda sikaNkulunkulu, hhayi esethu.
Umsebenzi wethu akusikona ukuqonda bese senza zonke izinto ziphumelele, kunalokho ukuthulisa sehlise umoya wethu. Njengengane encelayo ingeke yaqonda ukuthi kungani ubisi olunomsoco oluvela kumama wayo ingasanikezelwa, nathi singangayazi impilo ukuthi kungani inamagquma namathafa ngalendlela okuyiyona. Kodwa futhi, njengengane encelayo nomama wayo, sisayethemba iNkosi yethu ukusinikezela konke esikudingayo, ngisho sezingekho izindlela ezijwayelekile.
Engathi, njengoDavide, singakhula ekuthembeleni kuNkulunkulu, sigqugquzela nabaseduze nathi ukuthembela eNkosini esikhathini sezinkathazo, kusukela namhlanje kuya kusuku nosuku olulandelayo.