Umthandazo weNkosi ngaphandle kokungabaza yiwona umthandazo odumile uma kuziwa ngakwimithandazo. Ungeminye yemithandazo ethandwa kakhulu ngabazalwane ngisho nabantu abangazelwe kabusha banokuwuhlonipha okuthile. Izingane ezincane ezijabule kuSonto Skole ziyawusho njengomlolozelo, kanjalo ushiwo nayinqwaba yabapristi belandela lokho okumisiwe njengomkhuba wezenkolo. Uyamkhuthaza uphinde umxwayise umuntu. Wenza kubekhona ukudumisa nokucela. Uhlala uzinze kwinkazimulo yasezulwini nakwizinkinga zasemhlabeni. Wafundiswa kuqala uMfundisi Omkhulu, wabe usuphindwa eminyikane elandelayo ngabafundi Bakhe.
Kodwa kuncane okwaziwayo ngesimo okwakuyiso ngenkathi iNkosi yethu iqala ukufundisa lamazwi alomkhuleko. Uma bonke labo abazi “umkhuleko omuhle kunayo yonke”, okuwumkhuleko weNkosi, bengaqaphelisisa lokho okuphase lomkhuleko kwizinhlangothi zombili, ngasekuqaleni nangasekugcineni, singazithola nathi senza kangcono emkhulekweni. Imikhuleko emihle kakhulu akusikona ukusho “imikhuleko emihle” ngokuhlanganyela siyisho singasayifundi phansi; imikhuleko emihle imikhuleko efuze lona egcwalisa impilo yangasese yabobonke abahlengiwe.
Kwincwadi ngokukaMathewu 6:9-13 amazwi omkhuleko weNkosi ayanikezelwa. Kodwa ndawozombili kwisingeniso kuphinde futhi nakwisiphetho sawo nakhu esikutholayo:
uYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.
NgokukaMathewu 6:6, 18
Kungenxa yalesisizathu uCharles Spurgeon athi:
Umkhuleko wasesidlangalaleni awusibo ubufakazi bokwazisa uNkulunkulu. Baningi abazenzisi abawenzayo. Kodwa umkhuleko wangasese yinto umzenzisi angenayo inhliziyo yayo.
Ngokufanayo, uE.M Bounds wakhuthaza labo abafunda incwadi yakhe ukuthi,
Umkhuleko awufundwa eklasini kodwa ekusithekeni.
Uma unesifiso sokukhuleka umkhuleko omuhle kunayo yonke, funda kumkhuleko weNkosi, kodwa qinisekisa ukushaya into ecokeme kwimikhuleko yakho ekusithekeni lapho “uYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.”