Akuthathi isikhathi eside uma ufunda kwiTestamente Elidala ukuthi ubone ukuthi uNkulunkulu unemithetho ehlelelwe izikhathi ezithile ehlukene eyenzelwe abantu abahlukane kwizikhathi ezahlukene. Imiyalelo eyanikezelwa kuAdam noEva ngandlela thize yehlukile kuleyo eyanikezelwa kuMose, ehlukile futhi kuleyo enikezelwe iBandla kwiTestamente Elisha. Ngingezukuyibala imithetho eyanikezelwa kuKhayini noAbela, kuAbrahama, kuNowa nakuMelkhizedeki nabanye abaningi bonke ababengamakholwa athembekile, futhi abakhombisa izinga elithile lokuqonda lokho okwakwamukelekile nokungamukelekile kuNkulunkulu , kodwa awekho amarekhodi emithetho eyanikezelwa kubona. Ukungababali nalobo abanjengo Daniyeli, Abantu baseNInivah ngezinsuku zika Jona, ongagcinanga umthetho ngalendlela imithetho eyayinikezelwe ngayo kuMose.
Kodwa noma kunjalo, kukona konke lokhukuhlelwa okuhlukahlukene kwemithetho kaNkulunkulu, kunokuthize okufanayo ngendlela emangalisayo. Lokhu kungenxa yokuthi yonke imithetho ivela kumnikezeli woMthetho ofanayo. Kunjengomzali ezonqabela umntwana wakhe ukuthinta ummese, kuthi uma sekuhambe iminyaka umntwana esekhulile bese kuyima emufundisa ukuthi ummese usentshenziswa kanjani, kanjalo nokuNkulunkulu uhlelele Imithetho Yakhe abantu ukuba ihambelane nobuthakathaka bethu, izimo zethu kanye nezidingo zethu. Kodwa uNkulunkulu usamile usanguNkulunkulu ofanayo. Imithetho Yakhe ehleliwe isaqhubeka nokugqamisa Umthetho wezikhathi zonke ovela kubungcwele Bakhe.
Lomthetho wezikhathi zonke lapho kususelwe khona yonke le-eminye imithetho ehlelelwe izikhathi ezithile, wambuliwe kithina izikhathi eziningi ezahlukene kuzo Izibhalo. KukwiTestamente Elisha lapho Umthetho wezikhathi zonke kaNkulunkulu wembuliwe ngokucacile.
UJesu uwubeka ngalamazwi,
UJesu wathi kuye: “ ‘Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho.’Yilowo umyalo omkhulu nowokuqala. Owesibili ofana nawo, uthi: ‘Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.’ Kuleyo miyalo yomibili kubambelele umthetho wonke nemfundiso yabaphrofethi.
NgokukaMathewu 22:37-40
Ngesikhathi ugcweti kwezeTestamente Elidala ephinda lemiyalelo emibili njengempendulo kumbuzo ngoMthetho kaNkulunkulu, uJesu waphendula wathi,
Wayesethi kuso: “Uphendule kahle; yenza lokho, uzakuphila.”
NgokukaLukha 10:28
UPawuli noJakobe babheke ukukholwa nokulalela ngezindlela ezihlukene, kodwa bobabili bayavumelana ngokuthi uma kuza kwimithetho ethile phakathi kwabantu enikezelwe nguNkulunkulu, yonke iyathotshelwa ngokuthi sithande umakhelwane njengoba sizithanda nathi.
Ningabi nacala lanoma yini kunoma ngubani, kodwa elokuthandana, ngokuba othanda omunye, uwugcwalisile umthetho
KwabaseRoma 8:13
Kepha uma niwugcina umthetho wobukhosi njengokombhalo othi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena,”
EkaJakobe 2:8
Miningi imithetho ehlelelwe okuthile ebhekiswe kithina njengaMakrestu esuselwa kulemiyalelo yomibili. Yonke imithetho kwiTestamente Elisha isiyalela okuthile okumele sikwenze okusekelwe yilemithetho yomibili. Lokhu kwakuyiqiniso nakulabo ababengaphansi komthetho kaMose esikhathini sabo kunye nezwe labo, futhi lokho kwakuyiqiniso kuAdamu noEva eNsimini. Basiyilalele ngokuthembekile INkosi, ngokwazi ukuthi Umthetho Wakhe uphelele, owezikhathi zonke, futhi siyawuhlelelwa ngandlela thile ukuze singasweli ukuba siphile kanjani esikhathini esiphila kusona.