Umyalelo wokuthi “ungenza kanjani…” wokulwa nezikhubekiso bese uyakhula ekubeni ngcwele uchazwe ngokucacile kuwona wonke uMbhalo. Kunezahluko ezintathu konake, eziqondene ngqo nokwenza okubalulekile okusibeka phezu kwendlela elula yokuya ebungcweleni. Lezizahluko zontathu azigcwele nje kuphela ukuqonda okunzulu okwesahluko ngasinye okuphathelene nokungcweliswa, kodwa futhi zinentanjana esobala efanayo esibophela kwindlela okuyiyo yokuphokophelela ubungcwele.
Kepha yembathani iNkosi uJesu Khristu, ninganakekeli inyama yenu, kuvuswe izinkanuko.
KwabaseRoma 13:14
Kepha nina animfundanga uKhristu kanjalo, uma nimzwile nafundiswa kuye, njengokuba iqiniso likuJesu, ukuba nikhumule umuntu omdala ongowenkambo yakuqala, owonakele ngenxa yezinkanuko zenkohlakalo, nenziwe basha emoyeni wengqondo yenu, nokuba nembathe umuntu omusha odalwe ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.
KwabaseEfesu 4:20-24
Kanjalo nani zishoni ukuthi ningabafileyo maqondana nesono, kodwa niphilele uNkulunkulu kuKhristu uJesu. Ngakho-ke isono masingabusi emzimbeni wenu ofayo, nize nithobele izinkanuko zawo,
KwabaseRoma 6:11-12
Lokho lezizahluko zontathu ezingakho okufanayo uthando lukaKhristu necebo lokubhekana nesono
Zonke izisho esigqamisiwe zithatha ukuthanda kwethu zikubhekise kuKhristu owafela izono zethu, owafundisa amaqiniso kamoya, futhi waba isibonelo sokukuphila ukulunga.
Konke okugamagama amancane athe ukutsheka (Italics) kusifaka emsebenzini, wokuma ekutheni sizithokizise kwizimfuno zesono, wokuthi silungise indlela yethu esicabanga ngayo ngesono neokuphila impilo yokuKhristu, nowokuthi senze izinto njengokuba uKhristu ebengenza.
Ngenke ukhule ebungcweleni uma weqa noma okukodwa, noma kokubili lokhu: Thanda uJesu bese uba necebo lokubhekana nesono. Lapho ke uNkulunkulu uzosebenza kithina ukuze sikwazi ukusebenza eyethu insindiso ekwenzeni ubungcwele
KwabaseFiliphi 2:12-13