UYouTube ugcwele imiyalelo ngokuthi “Ungayenza kanjani into ethile….” ephathelene nezinto eziningi esihlangabezana nazo njalo. Ngokukamoya sihlezi sihlangabezana nezilingo ngalendlela yokuthi kumele engabe siyakhala sifuna umyalelo othi “Singakwenza kanjani….”oqondeni nesono nesikhubekiso. Konake kuyabongeka, ukuthi uMbhalo ugcwele lolohlobo lwemiyalelo. Kodwa, mhlawumbe kungafanele siqale sidinge othi “indlela okungafanele wenze ngayo…” ukuze kuvele obala izindlela ezingasebenzi. Ngokujwalekile siyazamukela lezizindlela zokukhula ebungcweleni, kodwa, njengoba nathi singafakaza, azisebenzi.

Ngeke uze ukhule ekubeni ngcwele ngokungenzi lutho. “yekelela kuNkulunkulu” lenkulumo iyiqiniso ngokulungisiswa ngokukholwa phambi kukaNkulunkulu, kodwa hhayi maqondana nokungcweliswa kulokhukuphila lapho ukuthobeka ngokulalela kuyisidingo esikhulu. Ukulokhu uhlehlisa ngokuthi ulinde isikhathi esingcono sokuthi ulwe nesikhubekiso akumenzi umuntu abengcwele.  Ukwenza ngokungenanjongo, ungenzi lutho ngoba empeleni ungazi kwakwazi ukuthi yikuphi lapho kumele uqale khona, lokhu sekukhombisile ukuthi kuyindlela yokungakhuli ebungcweleni.

Ukulapha isono noma isikhubekiso ngokwenyama nakho akusenzi sikhule kubo ubungcwele. Ukuzijezisa ngokuzincisha  intokozo noma injabulo, noma mhlawumbe ukuzijezisa ngokuzizwisa ubuhlungu akusiyona indlela eshesheyo yokufinyelela kubo ubungcwele. Kuyafana futhi noma usebenzisa umuthi. Amaphilisi angasidunga isimo sengqondo, kodwa angeke ayenze ingqondo yakho ukuthi ibe ngcwele.

Ukwenza imigomo eminingi yezenkolo yindlela esheshayo  yokufinyelela ebungcweleni  kuzona zonke izinkolo zamanga, kodwa kwayona lendlela ayisebenzi. Ukugcina imigomo ethile yezenkolo kungakwenza ubukeke ungcwele, kodwa kwingaphandle kuphela. Ukuba yingxenye yemicimbi kamoya enamandla kukwenza uzizwe ungcwele, kodwa kuhamba hamba kuphele. Ukwenza imisebenzi yokukhonza abazalwane kuyakugqugquzela ukuba ubengcwele, kuze kube sekuqala futhi izinkinga zakho ukukhonza abazalwane. Ukuyala ngezwi isono noma uSathane nokukhuluma ngomlomo izibusiso nobungcwele nakho ngokufanayo akunamthelela ekubeni nobungcwele beqiniso.

Ukuzindla okuya ngeZwi likaNkulunkulu kuyingxenye ebaluleke kakhulu ekukhuleni ebungcweleni, kodwa, ngokungokwakho, nakho ngeke kuze kukwenze ukhule ebungcweleni. Akukhathaleki ngisho ingqondo yakho kungathiwa inamandla emilingo okudlala ngezimfundiso zeZwi ezahlukahlukene, nokuthi akukhathaleki ukuthi “insindiso ngomusa kuphela” kuhlumelele kangakanani kwimicabango yakho, ngeke uze ukhule ebungcweleni ngokukwazi  nje.

Zonke lezizindlela azisiyo indlela esheshayo yokufinyelela ebungcweleni beqiniso. Ayikho kulezi enamandla okukunqobela izilingo ngazikhathi zonke. Sekuyisikhathi sokuthi sibone ukuthi lezizindlela zokufinyelela ebungcweleni ziyizeleze, bese zithatha indlela yokufinyelela ebungcweleni eza ngokweBhayibheli.

Ngakho ke, buya kusasa, ukuzofunda , “Ngendlela ekufanele ukhule ngayo ekubeni ngcwele”