Kwimpi yethu esimbekene nayo nesono, nokuphokophela kwethu ubungcwele, akusiyona imfihlo ukuthi siyalangazelela ukuba ngabalalelayo kodwa asikuthokozela ukufunda ukulalela. Ngokolwimi olufundile lwezenkolo, siyafuna ukukhazimuliswa, kodwa asikuthokozeli ukulungisiswa.

Kuyiqiniso ukuba ubungcwele obuphelele kuzoba ngobethu uma sesingena Ezulwini, kodwa ukugcizelela koMbhalo kusobala kakhulu maqondana nomsebenzi wempilo yasemhlabeni osimele wokukhumula isono, siguqule ingqondo yethu ibe njengekaKhristu, bese sembatha ubungcwele ( KwabaseEfesu 4:22-24). Ubungcwele abuvele buzenzakakele kulokhu kuphila. Ngisho noJesu ebuntwini Bakhe, kwadingeka ukuba afunde ukulalela. UJesu ngokwesiqiniseko wayengenaso isono futhi akazange asazi isono ngokokusenza Yena, kodwa lokho akuzange kwanciphisa impi Yakhe maqondana nokulingwa ngesono, futhi akuzange kunciphise ukuzizwela Kwakhe isiqalekiso sesono, futhi akuzange kunciphise umfutho kamoya ebekumele awufake ukuze ezoba ngolalelayo nongcwele ngaphansi kwazozonke izilingo.

Okwathi ngezinsuku esesemhlabeni wanikela ngemikhuleko, nangokuxusa, nangokukhala okukhulu, nangezinyembezi kulowo onamandla okumsindisa ekufeni; wezwakala ngenxa yokumesaba uNkulunkulu. Nakuba eyiNdodana wafunda ukulalela ngalokho ahlupheka ngakho.

KumaHebheru 5:7-8

Uma iNkosi noMsindisi wethu uJesu Khristu afunda ukulalela, nathi masingaphosi ithawula kwimpi yethu nesono nokuphokophelela kwethu ubungcwele. Ungapheli amandla uma isono sibukeka sisikhulu, yima uqine ngaphansi kwaso sonke isilingo. Uma kwenzekile wehluleka ukuma, wangena ogibeni wona, vuma isono bese wamukela ukuxolelwa ( 1 ekaJohane 1:9). Kwisilingo ngasinye, funda ukulalela. Yenza isilingo ngasinye sibe isifundo sokulwa nesono. Guqula isilingo sibe umkhuba wokuziqeqesha ukuthi uhlume izikhwepha zokulalela.