Abanye abantu bakhuluma kakhulu- ngokudlulele. Abanye bangabalalelayo- ngokudlulele. Isikhathi esiningi ungazithola ukhuluma nomuntu olalela ngokukhulu ukuzimisela. Lapho ukuthula kwingxoxo kunqanyulwa umbuzo omfishane ovela kulowo olalela ngokudlulele ophoqelela ukuba uphinde ukhulume. Uma uwuthatha lombuzo omfishane uwubhekisa ngakuyena, aphendula ngokufanayo, ngamagama amafushane, ngandlela thize ayiphedule inkulumo bese kuba uwena okufanele akhulume.
Ubuhle bokulalela ngaphezu kokukhuluma busobala. Isaga sakwi Testamente Elisha sikugoqa ngalamagama:
Yazini lokhu, bazalwane bami abathandekayo, ukuthi: makube yilowo nalowo muntu asheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze nokuthukuthela.
EkaJakobe 1:19
Kodwa, abahlakniphile, abalaleli kahle kuphela, baphinde bakhulume kahle. Ukulalela kukwenza uhlakanipha, uma kubakhona isimo esingenabo ubuhlakani, lowo olalela ngokuhlakanipha uphinde akhulume ngokuhlakanipha.
Ezindebeni zalowo ocubungulayo kufunyanwa ukuhlakanipha
Izaga10:13
Izindebe zohlakaniphile zondla abaningi,
Izaga 10:21
Isiyalo esakhayo kulowo okhuluma ngokudlulele ukuba afunde ukuphetha inkulumo. Kulowo olalela ngokudlulele, isiyalo esakhayo ukuthi angakhuluma kanjani kakhulu ukuba afunde ukuqala ingxoxo. Kungabi ingxoxo egcwele ukubuza lokho okuzokwenza ube ngolalelayo futhi, kodwa koxoxwe ngokushintshana. Funda ukudlulisa ulwazi onalo okungenzeka umngani wakho akanalo. Yabelana ngobuhlani obunokuqonda. Veza umbono wakho noma umuzwa wakho. Yenza amathuba okuhlangana nabangani ukuze ungabi ilowo oziphilela ngayedwana. Yaziwa kungekona kuphela ngokulalela, kodwa nangokuhlakanipha.